INQABAYOKULINDA​—EFUNDWAYO Meyi 2013

Lo magazini uchaza indlela esingafeza ngayo indima yethu njengabavangeli futhi ubonisa izimfanelo ezingasisiza ukuba sikhulumisane kahle emndenini.

Feza Indima Yakho Njengomvangeli

Kungani kubalulekile ukuba abantu bezwe izindaba ezinhle namuhla? Singayifeza kanjani ngokuphumelelayo indima yethu njengabavangeli?

Ingabe ‘Uyayishisekela Imisebenzi Emihle’?

Lesi sihloko sikhuluma ngendlela ukushisekela kwethu umsebenzi wokushumayela nokuziphatha kwethu okuhle okungadonsela ngayo abantu kuNkulunkulu.

Imibuzo Evela Kubafundi

Izizwe eziningi ezikhathini zasendulo zazibulala izelelesi ngokuzilengisa esigxotsheni noma ogodweni. Kuthiwani ngesizwe sakwa-Israyeli wasendulo?

Qinisani Umshado Wenu Ngokukhulumisana Okuhle

Ukukhulumisana okuhle kuyisici esibalulekile somshado ojabulisayo. Lesi sihloko sikhuluma ngezimfanelo ezingasisiza ukuba sikhulumisane kahle.

Bazali, Zingane—Khulumisanani Ngothando

Iziphi ezinye zezithiyo zokukhulumisana okuhle? Zinganqotshwa kanjani?

INDABA YOKUPHILA

Okwenza Ukuphila Kwethu Kube Nenjongo Yangempela

UPatricia unezingane ezimbili ezinesifo esingandile esidluliselwa ngofuzo. Funda uzwe ukuthi kwenzeka kanjani ukuba babe nokuphila okunenjongo naphezu kobunzima babo.

Qapha Ifa Lakho Ngokukhetha Ngokuhlakanipha

Iliphi ifa elingokomoya elibekwe phambi kwamaKristu, futhi yini esingayifunda esibonelweni esiyisixwayiso sika-Esawu?

EZIVELA EZINQOLOBANENI ZETHU

Bama Baqina ‘Ngehora Lokuvivinywa’

Funda uzwe ukuthi ukugqashuka kweMpi Yezwe I ngo-1914 kwalenza kanjani izwe laqaphela ukungathathi-hlangothi kwabaFundi BeBhayibheli.