Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Cabangelanani Futhi Nikhuthazane

Cabangelanani Futhi Nikhuthazane

“Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle.”—HEB. 10:24.

1, 2. Yini eyasiza oFakazi BakaJehova abangu-230 ukuba bakhuthazele ohambweni lokuyobulawa ekupheleni kweMpi Yezwe II?

NJENGOBA umbuso wamaNazi uwa ekupheleni kweMpi Yezwe II, kwakhishwa umyalo wokuba kubulawe izinkulungwane zabantu ababesesemakamu okuhlushwa. Iziboshwa zaseSachsenhausen zazizokhishwa ziyiswe emachwebeni zifike zifakwe emikhunjini bese izikiswa olwandle. Lokhu kwakuyingxenye yecebo kamuva elaziwa ngokuthi uhambo lokuyobulawa.

2 Iziboshwa eziyizinkulungwane ezingu-33 000 zaseSachsenhausen zazizohamba ngezinyawo amakhilomitha angu-250 ukuya eLübeck, elinye lamachweba aseJalimane. Phakathi kwazo kwakunoFakazi BakaJehova abangu-230 abavela emazweni ayisithupha, abayalwa ukuba bahambe ndawonye. Bonke babebuthaka ngenxa yendlala nokugula. Babezokwazi kanjani ukubekezelela lolo hambo? Omunye wabo wathi: “Sasilokhu sikhuthazana ukuba siqhubeke sihamba.” “Amandla angaphezu kwavamile” abawanikwa uNkulunkulu kanye nothando lwabo ngomunye nomunye kwabasiza ukuba baqhubeke bekhuthazela kulolo hambo olunzima.—2 Kor. 4:7.

3. Kungani kudingeka sikhuthazane?

3 Namuhla, asikho ohambweni olunjalo lokuyobulawa, kodwa sibhekana nezinselele eziningi. Ngemva kokumiswa koMbuso kaNkulunkulu ngo-1914, uSathane waxoshwa ezulwini waphonswa emhlabeni, “ethukuthele kakhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.” (IsAm. 12:7-9, 12) Njengoba leli zwe lisondela e-Armagedoni, uSathane usebenzisa ubunzima nezingcindezi emzamweni wokusenza buthaka ngokomoya. Ngakolunye uhlangothi kunezimo ezicindezelayo zokuphila kwansuku zonke. (Jobe 14:1; UmSh. 2:23) Ngezinye izikhathi, umphumela walobu bunzima ungasicindezela kakhulu kangangokuba noma imaphi amandla angokomzwelo nangokomoya esinawo angase angeneli  ukusisiza sibhekane nokudangala. Cabanga ngomzalwane owasiza inqwaba yabantu ngokomoya phakathi namashumi eminyaka. Lapho sebekhulile, yena nomkakhe baba nempilo ebuthaka, futhi waqala ukuzizwa edangele kakhulu. Njengalo mzalwane, sonke sidinga “amandla angaphezu kwavamile” avela kuJehova kanye nokukhuthazana.

4. Ukuze sikwazi ukuba isikhuthazo kwabanye, isiphi iseluleko somphostoli uPawulu okumelwe sihlale sisikhumbula?

4 Uma sifuna ukuba umthombo wesikhuthazo kwabanye, kumelwe sihlale sikhumbula iseluleko umphostoli uPawulu asinikeza amaKristu angamaHebheru. Wathi: “Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu ndawonye, njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sikhuthazane, futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela.” (Heb. 10:24, 25) Singasisebenzisa kanjani iseluleko esikula mazwi abalulekile?

‘CABANGELANANI’

5. Kusho ukuthini ‘ukucabangelana,’ futhi imuphi umzamo okudingeka siwenze ukuze sicabangelane?

5 ‘Ukucabangelana’ kusho ‘ukunaka izidingo zabanye nokucabanga ngazo.’ Singazicabangelisisa kahle yini izidingo zabanye uma izingxoxo zethu nabo zigcina nje ngokubabingelela ngokushesha eHholo LoMbuso noma ngokuxoxa nabo ngezinto ezingatheni? Ngeke sikwazi. Yiqiniso, sifuna ukuqikelela ukuba ‘sinake izindaba zethu siqu’ futhi singabi “ogaxekile ezindabeni zabanye abantu.” (1 Thes. 4:11; 1 Thim. 5:13) Noma kunjalo, uma sifuna ukuba isikhuthazo kubafowethu, kudingeka sibazi ngempela—izimo zabo, izimfanelo zabo, ingokomoya labo, izici abenza kahle kuzo nababuthaka kuzo. Kudingeka basibheke njengabangane babo futhi baqiniseke ukuthi siyabathanda. Lokhu kudinga ukuba sichithe isikhathi nabo—hhayi kuphela lapho bebhekene nezinkinga nokudangala kodwa nangezinye izikhathi.—Roma 12:13.

6. Yini eyosiza abadala ukuba ‘bacabangele’ labo ababaphathisiwe?

6 Amadoda amadala ebandleni akhuthazwa ukuba ‘eluse umhlambi kaNkulunkulu awuphathisiwe,’ akwenze ngokuzithandela nangokulangazela. (1 Pet. 5:1-3) Angawufeza kanjani lo msebenzi wokwalusa uma engazazi ngempela izimvu aziphathisiwe? (Funda izAga 27:23.) Uma abadala bezenza batholakale kubafowabo futhi bekujabulela ukuba nabo, cishe izimvu ziyolucela usizo lapho kudingeka. Abafowethu nodadewethu nabo bayothambekela ekwambuleni imizwa yabo yangempela nezinto ezibakhathazayo, okuyosiza abadala bakwazi ‘ukucabangela’ labo ababaphathisiwe futhi babanikeze usizo oludingekayo.

7. Kufanele siyibheke kanjani “inkulumo ewuwangala” yabantu abadangele?

7 Lapho ekhuluma nebandla laseThesalonika, uPawulu wathi: “Nisekele ababuthakathaka.” (Funda eyoku-1 Thesalonika 5:14.) Ngandlela-thile, ‘imiphefumulo ecindezelekile’ ibuthaka, kunjalo nangabantu abadangele. IzAga 24:10 zithi: “Ingabe uzibonise udangele ngosuku losizi? Amandla akho ayoba mancane.” Amazwi omuntu odangele kakhulu angase azwakale “eyinkulumo ewuwangala.” (Jobe 6:2, 3) Lapho ‘sicabangela’ abantu abanjalo, kudingeka sikhumbule ukuthi abakushoyo kungase kungabonisi indlela abazizwa ngayo ngempela enhliziyweni. URachelle, owayenonina owayecindezeleke kakhulu, wakufunda lokhu kokuhlangenwe nakho kwakhe. Uthi: “Ezikhathini eziningi umama wayesho amazwi abuhlungu. Ngangizama njalo ukuzikhumbuza uhlobo lomuntu umama ayilo ngempela—umuntu onothando, onomusa nophanayo. Ngafunda ukuthi abantu abacindezelekile esikhathini esiningi bakhuluma izinto abangazihlosile. Kungaba kubi kakhulu ukuphindisela  ngezenzo noma ngamazwi abuhlungu.” IzAga 19:11 zithi: “Ukuqondisisa komuntu ngokuqinisekile kubambezela intukuthelo yakhe, futhi kungubuhle kuye ukweqa isiphambeko.”

8. Obani ngokukhethekile okudingeka ‘sibaqinisekise’ ngokuthi siyabathanda, futhi ngani?

8 ‘Singamcabangela’ kanjani umuntu odangele okuthi noma esethathe izinyathelo zokulungisa aqhubeke enomuzwa wamahloni nokuphelelwa ithemba ngenxa yesiphambeko sesikhathi esidlule? Ngokuphathelene nomenzi wobubi waseKorinte owaphenduka, uPawulu wabhala: “Kufanele nimthethelele ngomusa futhi nimduduze, ukuze umuntu onjalo ngandlela-thile angagwinywa ukudabuka ngokweqile. Ngakho-ke, nginikhuthaza ukuba niluqinisekise uthando lwenu ngaye.” (2 Kor. 2:7, 8) Ngokwesinye isichazamazwi, igama elihunyushwe ngokuthi “qinisekisa” lisho “ukuqinisa, ukwenza kube semthethweni.” Ngeke simane siphethe ngokuthi umuntu uyaqonda ukuthi siyamthanda futhi siyamkhathalela. Kudingeka akubone esimweni sethu sengqondo nasezenzweni zethu.

‘VUSELELANANI UTHANDO NEMISEBENZI EMIHLE’

9. Kusho ukuthini ‘ukuvuselela uthando nemisebenzi emihle’?

9 UPawulu wabhala: “Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle.” Kudingeka sikhuthaze abafowethu ukuba babonise uthando futhi bahlanganyele emisebenzini emihle. Uma umlilo ufuna ukucima, kungase kudingeke sihlokoloze amalahle bese siwuvuthela. (2 Thim. 1:6) Ngokufanayo, singase ngothando sivuselele abafowethu ukuba babonise uthando lwabo ngoNkulunkulu nangomakhelwane. Kudingeka sibancome abanye lapho kufaneleka ukuze sibavuselele ukuba benze imisebenzi emihle.

Hlanganyela nabanye enkonzweni yasensimini

10, 11. (a) Obani phakathi kwethu abadinga ukunconywa? (b) Bonisa ukuthi ukuncoma kungamsiza kanjani umuntu ‘othathe isinyathelo okungesona.’

10 Sonke siyakudinga ukunconywa, kungakhathaliseki ukuthi sidangele noma cha. Omunye umdala wabhala: “Ubaba akakaze angincome. Ngakho ngakhula ngingazethembi. . . . Nakuba sengineminyaka engu-50, ngisajabula lapho abangane bami  bengiqinisekisa ukuthi ngenza umsebenzi omuhle njengomdala. . . . Okuhlangenwe nakho kwami kuye kwangifundisa ukuthi kubaluleke kangakanani ukukhuthaza abanye, futhi ngenza okusemandleni ukuba ngibakhuthaze.” Ukunconywa kungasivuselela sonke—kuhlanganise namaphayona, asebekhulile nalabo okungenzeka ukuthi badangele.—Roma 12:10.

11 Lapho labo ‘abanezimfanelo ezingokomoya bezama ukulungisa umuntu othathe isinyathelo okungesona,’ ukumeluleka ngothando nokumncoma lapho kufanele kungase kushukumisele umenzi wobubi ukuba abuyele enkambweni yemisebenzi emihle. (Gal. 6:1) Kwaba njalo komunye udade ogama lakhe linguMiriam. Uyabhala: “Ngabhekana nenkathi enzima ekuphileni kwami lapho abanye babangane bami abakhulu beshiya inhlangano kanti ngaso leso sikhathi ubaba uzovelelwa inkinga yokuqhunyelwa umthambo osebuchosheni. Ngacindezeleka kakhulu. Ngaqala ukuthandana nomuntu wezwe ngizama ukubalekela ukucindezeleka kwami.” Lokhu kwamenza wazizwa engasalufanelekele uthando lukaJehova, wabe esecabanga ukushiya iqiniso. Lapho umdala othile emkhumbuza ngenkonzo yakhe yokwethembeka yeminyaka edlule, wavuseleleka ngokomzwelo. Wanika abadala ithuba lokuba bamqinisekise ukuthi uJehova usamthanda. Uthando lwakhe lwavuseleleka. Wahlukana nalowo muntu ongakholwa futhi waqhubeka ekhonza uJehova.

Vuselela uthando nemisebenzi emihle kwabanye

12. Yini engase ishiwo ngokuzama ukushukumisa umuntu ngokumenza abe namahloni, umuzwa wecala noma ngokumgxeka?

12 Ukwenza umuntu abe namahloni ngokumqhathanisa nabanye ngokungafanele, ngokumgxeka, ngokubeka izindinganiso eziqinile, noma ngokumenza azizwe enecala ngokungenzi okwengeziwe kungase kushukumise intshiseko ewumlilo wamaphepha kuye, kodwa imiphumela iyomane ibe eyesikhashana. Ngakolunye uhlangothi, ukuncoma esikholwa naye nokuvuselela uthando lwakhe ngoNkulunkulu kungaba nomphumela omuhle ohlala njalo.—Funda eyabaseFilipi 2:1-4.

‘KHUTHAZANANI’

13. Ukukhuthaza abanye kuhilelani? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

13 Kudingeka ‘sikhuthazane, futhi ikakhulu njengoba sibona usuku lusondela.’ Ukukhuthaza abanye kuhlanganisa nokubashukumisela ukuba baqhubekele phambili nenkonzo yabo kuNkulunkulu. Njengoba nje ukuvuselela uthando nemisebenzi emihle kungase kufaniswe nokuvuthela umlilo osufuna ukucima, ukukhuthaza abanye kungase kufaniswe nokubasela umlilo ukuze uqhubeke uvutha noma ushise kakhulu. Ukuze sibakhuthaze abanye kudingeka siqinise futhi siduduze abacindezelekile. Lapho sithola ithuba lokukhuthaza umuntu onjalo, kumelwe sikhulume ngendlela enothando nemnene. (IzAga 12:18) Ngaphezu kwalokho, ‘masisheshe ukuzwa, sephuze ukukhuluma.’ (Jak. 1:19) Uma silalela ngozwela, singase sikwazi ukuthola lokho okwenza umKristu esikanye naye adangale bese sisho amazwi azomsiza ukuba abhekane naleso simo.

Jabulela ubudlelwano nabangane abahle

14. Omunye umzalwane owayedumele wasizwa kanjani?

 14 Cabanga ngendlela umdala othile onozwela akwazi ngayo ukusiza omunye umzalwane okwase kuyiminyaka eminingi epholile. Njengoba umdala emlalele, kwacaca ukuthi wayesamthanda ngokujulile uJehova. Wayetadisha INqabayokulinda ngayinye ngenkuthalo futhi enza imizamo yokuba khona njalo emihlanganweni yebandla. Nokho, izenzo zabathile ebandleni zamdumaza futhi waphatheka kabuhlungu enhliziyweni. Umdala wamlalela ngozwela ngaphandle kokumahlulela futhi wabonisa ukuthi wayemkhathalela ngothando yena nomkhaya wakhe. Kancane kancane, lo mzalwane waqaphela ukuthi wayevumela ukuba izinto ezingezinhle ayebhekene nazo esikhathini esidlule zimvimbele ukuba akhonze uNkulunkulu ayemthanda. Lo mdala wamema lo mzalwane ukuba aye naye ensimini. Ngosizo lomdala, lo mzalwane wavuselela inkonzo yakhe futhi wagcina ekufanelekela ukubuye akhonze njengomdala.

Mlalele ngesineke umuntu odinga isikhuthazo (Bheka izigaba 14, 15)

15. Yini esingayifunda kuJehova ngokuphathelene nokukhuthaza abadangele?

15 Umuntu odangele angase angalulami noma angasabeli ngokushesha lapho simnikeza usizo. Kungase kudingeke siqhubeke simsekela. UPawulu wabhala: “Qhubekani niphasa ababuthaka, nibe nesineke kuwo wonke umuntu.” (1 Thes. 5:14, An American Translation) Kunokuba sisheshe sibadikile ababuthaka, ‘masiqhubeke sibaphasa’ futhi siqhubeke sibasekela. Esikhathini esidlule, uJehova wasebenzelana ngesineke nezinceku zakhe ezazizizwa zidumazekile ngezinye izikhathi. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wabonisa u-Eliya umusa omkhulu, ecabangela imizwa yakhe. UJehova wanikeza lo mprofethi lokho ayekudinga ukuze aqhubeke nenkonzo yakhe. (1 AmaKh. 19:1-18) Ngenxa yokuthi uDavide waphenduka ngeqiniso, uJehova wambonisa umusa wamthethelela. (IHu. 51:7, 17) UNkulunkulu wasiza nomlobi weHubo 73 owacishe wayeka ukumkhonza. (IHu. 73:13, 16, 17) UJehova unomusa nakithi, ikakhulu lapho umoya wethu uphansi futhi sidangele. (Eks. 34:6) Isihe sakhe “sisha njalo ekuseni,” futhi “ngokuqinisekile ngeke siphele.” (IsiL. 3:22, 23) UJehova ulindele ukuba silingise isibonelo sakhe, siphathe abacindezelekile ngesisa.

KHUTHAZANANI UKUBA NIQHUBEKE ENDLELENI YOKUPHILA

16, 17. Njengoba ukuphela kwalesi simiso kusondela, yini okumelwe sizimisele ukuyenza, futhi ngani?

16 Kwafa izinkulungwane eziningi kulezo ziboshwa ezingu-33 000 ezasuka ekamu lokuhlushwa laseSachsenhausen. Nokho, zonke iziboshwa ezingu-230 ezazingoFakazi BakaJehova ezasuka kulelo kamu zasinda. Ukukhuthazana nokusekelana kwazo kwaba neqhaza elikhulu ekwenzeni ukuba zisinde kulolo hambo lokuyobulawa.

17 Namuhla, ‘sisendleleni eholela ekuphileni.’ (Math. 7:14) Maduze, bonke abakhulekeli bakaJehova bayohamba ngobunye bangene ezweni elisha lokulunga. (2 Pet. 3:13) Kwangathi singazimisela ukusizana endleleni eholela ekuphileni okuphakade.