Ingabe Uyambona “Lowo Ongabonakali”?
“Waqhubeka egxilile sengathi uyambona Lowo ongabonakali.”
1, 2. (a) Chaza ukuthi kungani kwakubonakala sengathi uMose usengozini. (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Kungani uMose engayesabanga intukuthelo yenkosi?
UFARO wayengumbusi owesabekayo futhi ebhekwa njengonkulunkulu eGibhithe. Incwadi ethi When Egypt Ruled the East ithi: “Kubo, wayedlula zonke izidalwa zasemhlabeni ngokuhlakanipha nangamandla.” Ukuze esabise izikhonzi zakhe, uFaro wayefaka umqhele onomfanekiso kaphempethwane olungele ukugadla
2 UMose waya eGibhithe, wamemezela isigijimi sikaNkulunkulu okwenza uFaro wavutha ngolaka. Ngemva kokuba izwe lakhe lishaywe ngezinhlupho eziyisishiyagalolunye, uFaro waxwayisa uMose: “Qaphela! Ungazami ukuphinde ubone ubuso bami futhi, ngoba mhla ubona ubuso bami uyokufa.” (Eks. 10:28) Ngaphambi kokuba uMose asuke phambi kukaFaro, waprofetha ukuthi izibulo lale nkosi lalizokufa. (Eks. 11:
3. Yini esizoyihlola ngokholo lukaMose ‘kuLowo ongabonakali’?
3 Ingabe ukholo lwakho luqine njengokungathi ‘uyambona uNkulunkulu’? (Math. 5:8) Sizocabangela isibonelo sikaMose ukuze amehlo ethu angokomoya abe bukhali, sikwazi ukumbona kahle “Lowo ongabonakali.” Ukholo lwakhe kuJehova lwamvikela kanjani ekwesabeni umuntu? Walubonisa kanjani ukholo ezithembisweni zikaNkulunkulu? Ukumbona kwakhe “Lowo ongabonakali” kwamqinisa kanjani lapho yena nabantu bakubo besengozini?
AKAZANGE AYESABE “INTUKUTHELO YENKOSI”
4. Ngokubona komuntu, wayeyini uMose uma eqhathaniswa noFaro?
4 Ngokubona komuntu, uMose wayengelutho kuFaro. Ukuphila kukaMose, inhlalakahle yakhe nekusasa lakhe kwakubonakala kusezandleni zikaFaro. UMose ngokwakhe wayebuze uJehova: “Ngingubani mina ukuthi ngingaya kuFaro futhi ngikhiphe abantwana bakwa-Israyeli eGibhithe?” (Eks. 3:11) Eminyakeni engaba ngu-40 ngaphambili, uMose wayebalekile eGibhithe. Kungenzeka wazibuza, ‘Kuwukuhlakanipha ngempela yini ukuba ngibuyele eGibhithe ngiyothukuthelisa inkosi?’
5, 6. Yini eyasiza uMose ukuba esabe uJehova, hhayi uFaro?
5 Ngaphambi kokuba uMose abuyele eGibhithe, uNkulunkulu wamfundisa isimiso esibalulekile, isimiso esifanayo naleso uMose kamuva asiloba encwadini kaJobe: “Ukumesaba uJehova
6 Yisiphi isifundo ayefuna uMose asithole kulokhu? Ukuthi akudingeki ukuba esabe. Wayethunywe uJehova, owayeyomnika noma yini ayeyidinga ukuze ayise isigijimi sikaNkulunkulu kuFaro. Ngaphandle kwalokho, uFaro wayengelutho kuJehova. Futhi-ke kwakungekhona okokuqala izinceku zikaNkulunkulu ziba sengozini ngaphansi kwababusi baseGibhithe. Mhlawumbe uMose wazindla ngendlela uJehova ayevikele ngayo u-Abrahama, uJosefa ngisho naye uMose ngesikhathi kubusa abanye oFaro. (Gen. 12:
7. Ukuba nokholo kuJehova kwamvikela kanjani omunye udade?
7 Ngokufanayo, ukuba nokholo kuJehova kwavikela omunye udade okuthiwa u-Ella ukuba angagajwa ukwesaba umuntu. Ngo-1949, u-Ella waboshwa i-KGB e-Estonia, yamkhumula waba nqunu, ngemva kwalokho wagqolozelwa izinsizwa ezingamaphoyisa. Uthi: “Ngazizwa ngihlazekile. Nokho, ngemva kokuthandaza kuJehova, ngezwa ukuthula nokuzola enhliziyweni.” Ngemva kwalokho, u-Ella wagqunywa esitokisini yedwa izinsuku ezintathu. Uyalandisa: “Izikhulu zamemeza: ‘Sizolenza lingakhunjulwa nakukhunjulwa igama elithi Jehova e-Estonia! Wena uzoya ekamu, abanye bazoya eSiberia!’ Zanezela ngokukloloda, ‘Uphi-ke uJehova wakho?’ ” Ingabe u-Ella wayezokwesaba abantu noma wayezothembela kuJehova? Lapho ephekwa ngemibuzo, wakhuluma ngesibindi etshela labo baklolodeli: “Ngiyicabange kahle le ndaba, futhi ngincamela ukuhlala ejele nginobuhlobo obuhle noNkulunkulu kunokudedelwa bese ngilahlekelwa umusa wakhe.” Ku-Ella, uJehova wayengokoqobo njengoba nje ayenjalo nalawo madoda ayemi phambi kwakhe. Ukholo lwakhe lwamsiza ukuba agcine ubuqotho.
8, 9. (a) Liyini ikhambi lokunqoba ukwesaba abantu? (b) Uma ulingelwa ukuba wesabe abantu, ubani okufanele ugxile kuye?
8 Ukholo kuJehova luyokusiza unqobe ukwesaba. Uma izikhulu ezinamandla zizama ukuvimbela inkululeko yakho yokukhulekela uNkulunkulu, kungase kubonakale sengathi ukuphila kwakho, inhlalakahle yakho nekusasa lakho kusezandleni zabantu. Ungazibuza ngisho nokuthi kuwukuhlakanipha yini ukuqhubeka ukhonza uJehova, uthukuthelise iziphathimandla. Khumbula: Ikhambi lokunqoba ukwesaba abantu ukuba nokholo kuNkulunkulu. (Funda izAga 29:25.) UJehova uyabuza: “Ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo ozokufa, nendodana yomuntu eyokwenziwa ibe njengotshani nje obuluhlaza?”
9 Gxila kuYihlo uMninimandla onke. Uyababona, uyazwelana nabo futhi uyabasiza labo abashushiswa ababusi abangenabulungisa. (Eks. 3:
WABA NOKHOLO EZITHEMBISWENI ZIKANKULUNKULU
10. (a) Yiziphi iziqondiso uJehova azinika ama-Israyeli ngenyanga kaNisani 1513 B.C.E.? (b) Kungani uMose alalela iziqondiso zikaNkulunkulu?
10 Ngenyanga kaNisani 1513 B.C.E., uJehova watshela uMose no-Aroni ukuba badlulisele lezi ziqondiso ezingavamile kuma-Israyeli: Khethani imvu noma imbuzi yeduna ephilile, niyihlabe futhi nibhece igazi layo eminyango yezindlu zenu. (Eks. 12:
11. Kungani uMose axwayisa abanye?
11 Kubonakala sengathi amadodana kaMose wona ayekwaMidiyani, kude ‘nombhubhisi.’ * (Eks. 18:
12. UJehova usiyale ukuba sidlulisele siphi isigijimi esibalulekile?
12 Beqondiswa yizingelosi, abantu bakaJehova bamemezela isigijimi esibalulekile: “Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo, ngoba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile, ngakho khulekelani Lowo owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.” (IsAm. 14:7) Manje yisikhathi sokumemezela leso sigijimi. Kumelwe sixwayise omakhelwane bethu ukuba baphume eBhabhiloni Elikhulu, ukuze ‘bangamukeli ingxenye yezinhlupho zalo.’ (IsAm. 18:4) “Ezinye izimvu” zihlanganyela namaKristu agcotshiwe ekuncengeni labo abangenabo ubuhlobo noNkulunkulu ukuba ‘babuyisane’ naye.
13. Yini eyokhulisa isifiso sethu sokuhlanganyela nabanye izindaba ezinhle?
13 Siyaqiniseka ukuthi ngempela “ihora lokwahlulela” selifikile. Sinanokholo lokuthi uJehova akenzi ihaba ngokuba athi umsebenzi wethu wokushumayela nokwenza abafundi uyaphuthuma. Embonweni, umphostoli uJohane “[wabona] izingelosi ezine zimi emagumbini amane omhlaba, zibambe imimoya emine yomhlaba.” (IsAm. 7:1) Ngamehlo okholo, uyazibona yini lezo zingelosi zimi ngomumo ukuze zidedele imimoya ebhubhisayo yosizi olukhulu kuleli zwe? Uma uzibona lezo zingelosi ngamehlo akho okholo, uyokwazi ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye ngokuqiniseka.
14. Yini esishukumisela ukuba ‘sixwayise omubi endleleni yakhe embi’?
14 Kakade amaKristu eqiniso ajabulela ubungane noJehova futhi anethemba lokuphila okuphakade. Nokho, siyaqaphela ukuthi kuwumthwalo wethu ‘ukuxwayisa omubi endleleni yakhe embi ukuze simsindise.’ (Funda uHezekeli 3:
“BADABULA ULWANDLE OLUBOMVU”
15. Kungani ama-Israyeli azibona evalelekile?
15 Ukholo lukaMose “kuLowo ongabonakali” lwamsiza ngesikhathi ama-Israyeli esengozini ngemva kokuphuma eGibhithe. IBhayibheli lithi: “Abantwana bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo futhi bheka abaseGibhithe babebalandela; abantwana bakwa-Israyeli besaba kakhulu baqala ukukhala kuJehova.” (Eks. 14:
16. Ukholo lwamqinisa kanjani uMose oLwandle Olubomvu?
16 Nokho, uMose akazange antengantenge. Kungani? Ngenxa yokuthi amehlo akhe okholo abona okuthile okunamandla ngaphezu kolwandle noma ibutho lempi. ‘Wayebona insindiso kaJehova,’ futhi wayazi ukuthi uJehova uzowalwela ama-Israyeli. (Funda u-Eksodusi 14:
17. Isiphi isenzakalo esizayo esizovivinya ukholo lwethu?
17 Maduze, kuzobonakala sengathi ukuphila kwethu kusengozini. Umvuthwandaba wosizi olukhulu uyofika ohulumeni baleli zwe sebezibhubhise baziqothula zonke izinhlangano zenkolo ebezinkulu futhi ziziningi kunathi. (IsAm. 17:16) Esiprofethweni esithile uJehova uchaza isimo sethu sokungavikeleki ‘njengezwe lasemaphandleni elingabiyelwe elingenazindonga futhi elingenamigoqo ngisho nazicabha.’ (Hez. 38:
18. Chaza ukuthi yini engasenza siqine phakathi nosizi olukhulu.
18 Akudingeki sintengantenge ngenxa yokwesaba. Kungani? Ngoba uJehova ukubikezele lokho kuhlaselwa kwabantu bakhe. Uwubikezele nomphumela wako. “ ‘Kuyothi ngalolo suku, mhla uGogi efika ezweni lakwa-Israyeli,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova, ‘ukufutheka kwami kukhuphukele emakhaleni ami. Kuyomelwe ngikhulume ngentshiseko yami, ngomlilo wokufutheka kwami.’ ” (Hez. 38:
19. (a) UMose noJehova babenobuhlobo obuseduze kangakanani? (b) Isiphi isibusiso oyosithola uma uqaphela uJehova kuzo zonke izindlela zakho?
19 Zilungiselele manje lezo zenzakalo ezivusa amadlingozi ngokuqhubeka ‘ugxilile sengathi uyambona Lowo ongabonakali’! Qinisa ubuhlobo bakho noJehova uNkulunkulu ngokutadisha njalo nangomthandazo. UMose wayenobuhlobo obuseduze noJehova futhi uJehova emsebenzisa ngendlela enamandla kangangokuba iBhayibheli lithi uJehova ‘wayemazi ubuso nobuso.’ (Dut. 34:10) UMose wayengumprofethi okhethekile. Nokho, ngokholo, nawe ungamazi ngokuseduze uJehova njengokungathi uyambona. Uma uhlale umqaphela “kuzo zonke izindlela zakho,” njengoba iZwi likaNkulunkulu likukhuthaza ukuba wenze kanjalo, “uyokwenza izindlela zakho ziqonde.”
^ isig. 11 Kubonakala sengathi uJehova wathumela izingelosi ukuba zikhiphe isahlulelo kwabaseGibhithe.