Imibuzo Evela Kubafundi
Ingabe kuyafaneleka ngamaKristu ukuba asishise isidumbu?
ImiBhalo ayisho lutho oluphikisana nalo mkhuba wokushiswa kwesidumbu.
Kunokulandisa okuseBhayibhelini okusitshela ngezidumbu noma ngamathambo abantu abafile aye ashiswa. (Josh. 7:25; 2 IziKr. 34:
Singakubona lokhu endabeni yokufa kweNkosi uSawule namadodana ayo amathathu. Bonke bafa empini belwa namaFilisti. Enye yamadodana ayo kwakunguJonathani, umngane omkhulu nomsekeli oqotho kaDavide. Lapho ama-Israyeli anesibindi ayehlala eJabeshi-Gileyadi ezwa ngalokho okwakwenzekile, azilanda izidumbu, azishisa abe esengcwaba amathambo. Kamuva uDavide wawabonga ngalokho ayekwenzile.
Ithemba elingokomBhalo ngabafileyo liwuvuko
Akudingeki ukuba uJehova ahlanganise izinsalela zomzimba womuntu wangaphambili ukuze amvuse. Lokhu kubonakala endleleni uNkulunkulu avusa ngayo amaKristu agcotshiwe ukuze ayophila ezulwini. NjengoJesu ‘owaphiliswa emoyeni,’ amaKristu agcotshiwe avuswa ewumuntu ofanayo kodwa ngomzimba womoya. Ayikho ingxenye yomzimba wawo wangaphambili wenyama ahamba nayo lapho eya ezulwini.
Ithemba lethu lovuko alincikile kulokho okuzokwenziwa ngemizimba esinayo manje kodwa okholweni lokuthi uNkulunkulu unamandla futhi unesifiso sokufeza izithembiso zakhe. (IzE. 24:15) Kuyavunywa, kungenzeka singakuqondi ngokugcwele ukuthi uNkulunkulu wasenza kanjani isimangaliso sovuko ezikhathini zangaphambili nokuthi uzosenza kanjani esikhathini esizayo. Noma kunjalo, sibeka ithemba lethu kuJehova. Usinikeze “isiqinisekiso” ngokuvusa uJesu.
AmaKristu enza kahle ngokucabangela lokho okwamukelekayo emphakathini, imizwa yabantu bendawo nezimfuneko zomthetho mayelana nokungcwatshwa kwezidumbu. (2 Kor. 6: