Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Yimani Niqine Okholweni’

‘Yimani Niqine Okholweni’

“Nime niqinile okholweni, . . . nibe namandla.”1 KORINTE 16:13.

IZINGOMA: 60, 64

1. (a) Yini eyenzeka kuPetru lapho kunesivunguvungu olwandle LwaseGalile? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Kungani uPetru aqala ukucwila?

NGOBUNYE ubusuku, umphostoli uPetru nabanye abafundi babedonsa kanzima bezama ukugwedla benqamula oLwandle LwaseGalile ngesikhathi kunesivunguvungu. Kungazelelwe, babona uJesu ehamba phezu kolwandle. UPetru wamemeza uJesu ecela ukuba amvumele ahambe phezu kwamanzi eze kuye. Lapho uJesu emtshela ukuba eze, uPetru wehla esikebheni futhi waqala ukuhamba phezu kwamanzi waya kuye. Kodwa kungakabiphi, uPetru waqala ukucwila. Kungani? Kungenxa yokuthi wabheka isivunguvungu namagagasi futhi waqala ukwesaba. UPetru wamemeza ecela usizo futhi uJesu wambamba ngokushesha, wathi: “Wena onokholo oluncane, kungani uhlulwé ukungabaza?”—Mathewu 14:24-32.

2. Yini esizoxoxa ngayo manje?

2 Ake sixoxe ngezinto ezintathu esingazifunda ngokholo endabeni kaPetru: (1) indlela uPetru aqale aba nokholo ngayo lokuthi uJehova uzomsiza, (2) okwenza ukholo lukaPetru lwaqala ukuntengantenga, kanye (3) nalokho okwamsiza ukuba avuselele ukholo lwakhe. Ukuhlola la maphuzu kungasisiza sibone indlela ‘esingama ngayo siqine okholweni.’—1 Korinte 16:13.

UKHOLO LOKUTHI UNKULUNKULU UZOSISIZA

3. Kungani uPetru ehla esikebheni, futhi thina siye sakwenza kanjani okufanayo?

3 UPetru wayenokholo oluqinile. Kungani singasho kanjalo? Ngesikhathi uJesu embiza, uPetru wehla esikebheni wabe esehamba phezu kwamanzi. Wayenokholo lokuthi amandla kaNkulunkulu ayezomenza akwazi ukwenza njengoJesu. Ngokufanayo, nathi lapho uJesu esimema ukuba sibe abalandeli bakhe, sanikezela ukuphila kwethu kuJehova futhi sabhapathizwa. Kungani? Kungenxa yokholo lwethu kuJehova nakuJesu nangenxa yokuthi sasiqiniseka ukuthi bazosisiza.—Johane 14:1; funda eyoku-1 Petru 2:21.

Ukholo lukaPetru lwamenza wakwazi ukwenza izinto ezazibonakala zingenakwenzeka kubantu

4, 5. Kungani ukholo luyinto eyigugu?

4 Ukholo luyinto eyigugu kakhulu. Ukholo lukaPetru lwamenza wakwazi ukuhamba phezu kwamanzi, okuyinto eyayibonakala ingenakwenzeka kumuntu. Ukholo lungasisiza nathi ukuba senze izinto ezibonakala zingenakwenzeka. (Mathewu 21:21, 22) Abanye bethu baye bashintsha isimo sabo sengqondo nendlela yabo yokuziphatha kangangokuthi abantu ababebazi ngaphambili abasaboni nokuthi yibona. Senza lezi zinguquko ngenxa yokuthi siyamthanda uJehova futhi ngenxa yokuthi wasisiza sazenza. (Funda eyabaseKolose 3:5-10.) Ukholo lwasishukumisela ukuba sinikezele ukuphila kwethu kuJehova futhi saba abangane bakhe, into ebesingasoze sakwazi ukuyenza ngaphandle kosizo lwakhe.—Efesu 2:8.

5 Ukholo lwethu lusenza siqine. Ngokwesibonelo, lusisiza silwe nezilingo zikaDeveli, isitha sethu esinamandla. (Efesu 6:16) Kanti ngenxa yokuthi sithembele kuJehova, akudingeki sikhathazeke kakhulu uma sinezinkinga. UJehova usithembise ukuthi uzosinika esikudingayo uma sinokholo futhi sibeka uMbuso wakhe kuqala. (Mathewu 6:30-34) Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokholo lwethu, uJehova uzosinika isipho esimangalisayo sokuphila okuphakade.—Johane 3:16.

UKUNGAGXILI KUNGASENZA SILAHLEKELWE UKHOLO LWETHU

6, 7. (a) Singawuqhathanisa nani umoya namagagasi okwasabisa uPetru? (b) Kungani kumelwe siqonde ukuthi kungenzeka silahlekelwe ukholo lwethu?

6 Njengoba uPetru ayehamba phezu koLwandle LwaseGalile, waqala ukwesaba. Kungani? Kungenxa yomoya namagagasi. Lezi zinto zingase ziqhathaniswe novivinyo nezilingo eziningi amaKristu abhekana nazo namuhla. Ngisho noma lokhu kungaba nzima kakhulu, singaqina ngosizo lukaJehova. Kodwa khumbula lokho okwenzeka kuPetru. Akazange acwile ngenxa yokushaywa umoya namagagasi. Kunalokho, iBhayibheli lithi: “Ebheka isivunguvungu, wesaba.” (Mathewu 14:30) UPetru wayeka ukubheka uJesu wagxila emandleni esivunguvungu. Ngakho ukholo lwakhe lwaqala ukuntengantenga. Ngendlela efanayo, uma sigxila ezinkingeni zethu, singaqala ukungabaza ukuthi uJehova uzosisiza.

Uma sigxila ezintweni ezingafanele, ukholo lwethu lungaba buthaka ngokushesha

7 Kumelwe siqonde ukuthi kungenzeka silahlekelwe ukholo lwethu. Ngani? Ngenxa yokuthi iBhayibheli lithi ukulahlekelwa ukholo ‘yisono esisithandela kalula.’ (Hebheru 12:1) NjengoPetru, uma nathi sigxila ezintweni ezingafanele, ukholo lwethu lungaba buthaka ngokushesha. Khona-ke, singazi kanjani uma ukholo lwethu lusengozini? Imibuzo elandelayo izosisiza sizihlole.

8. Kungenzeka kanjani ukuba izithembiso zikaNkulunkulu zibonakale zifiphele kunangaphambili?

8 Ingabe izithembiso zikaNkulunkulu zisengokoqobo kimi njengoba zazinjalo ngaphambili? Ngokwesibonelo, uNkulunkulu uthembise ukuthi uzolibhubhisa izwe likaSathane. Nokho, ingabe siphazanyiswa izinhlobonhlobo zokuzijabulisa ezikuleli zwe lakhe? Uma kunjalo, singase siqale ukungabaza ukuthi isiphelo siseduze. (Habakuki 2:3) Ake ucabange nangesinye isibonelo. UJehova walungiselela isihlengo, futhi wathembisa ukuthi uzowathethelela amaphutha ethu. Kodwa uma sihlale sigxile emaphutheni ethu esikhathi esidlule, singase siqale ukungabaza ukuthi uJehova usithethelele ngempela. (IzEnzo 3:19) Ngenxa yalokho, singase silahlekelwe injabulo enkonzweni kaNkulunkulu futhi siyeke ukushumayeza abanye.

9. Kungenzekani uma singagxilisa ukuphila kwethu ezintweni esizithandayo?

9 Ingabe ngisamnika okungcono kakhulu uJehova? Ukuzikhandla ekukhonzeni uJehova kusisiza sigxile ethembeni lethu langesikhathi esizayo. Nokho, kuthiwani uma sesigxile kakhulu ezintweni esizithandayo? Ngokwesibonelo, singase samukele umsebenzi okhokhela kahle kodwa owenza sifeze okuncane kakhulu enkonzweni kaJehova. Lokhu kungalwenza buthaka ukholo lwethu futhi ‘sivilaphe,’ simenzele okuncane uJehova kunalokho ebesingamenzela kona.—Hebheru 6:10-12.

Abafundi bakaJesu bafunda ukuthi kudingeka ukholo ukuze bathethelele abanye

10. Silubonisa kanjani ukholo lwethu kuJehova lapho sithethelela abanye?

10 Ingabe ngikuthola kunzima ukuthethelela? Lapho abanye besicasula noma besizwisa ubuhlungu, ingabe silingeka ukuba sibathukuthelele noma singabe sisabakhulumisa? Uma kunjalo, kungenzeka ukuthi siyikhathalela ngokweqile imizwa yethu. Sibonisa ukholo lwethu kuJehova lapho sithethelela abanye. Kanjani? Uma umuntu esona, usuke esesikweleta. Lapho sona kuJehova, sisuke simkweleta. (Luka 11:4) Ngakho lapho sithethelela abanye, sisuke sithembela kuJehova. Siyamethemba ukuthi uzosibusisa isimo sethu sengqondo, futhi isibusiso sakhe sibaluleke kakhulu kunokukhokhisa umuntu ngalokho akwenze kithi. Abafundi bakaJesu bafunda ukuthi kudingeka ukholo ukuze bathethelele abanye. Lapho uJesu ebatshela ukuba bathethelele ngisho nalabo ababone ngokuphindaphindiwe, abafundi bakhe bamnxusa: “Siphe ukholo olwengeziwe.”—Luka 17:1-5.

11. Kungani singase sehluleke ukufunda eselulekweni?

11 Ingabe ngiyacasuka lapho nginikwa iseluleko? Bheka izindlela ongafunda ngazo eselulekweni kunokufuna amaphutha kuso noma ubuthakathaka balowo osinikezayo. (IzAga 19:20) Ungaphuthelwa ithuba lokufunda ukucabanga njengoJehova!

12. Yini okungenzeka ayilungile ngomuntu ohlale ekhononda ngabaholayo?

12 Ingabe ngiyakhononda ngabaholayo ebandleni? Lapho ama-Israyeli egxila embikweni omubi wezinhloli eziyishumi, aqala ukukhononda ngoMose no-Aroni. UJehova wabe esebuza uMose: “Kuyoze kube nini bengabi nalukholo kimi?” (Numeri 14:2-4, 11) Yebo, uJehova wayazi ukuthi ama-Israyeli awamethembi ngoba ayekhononda ngoMose no-Aroni, amadoda ayewamisile. Ngokufanayo, uma sihlale sikhononda ngalabo uJehova abasebenzisela ukuhola abantu bakhe namuhla, kungabonisa ukuthi ukholo lwethu kuNkulunkulu seluyantengantenga.

13. Kungani kungafanele sidumale uma sibona ubuthaka obuthile okholweni lwethu?

13 Ngemva kokucabanga ngale mibuzo, ungadumali lapho uthola ukuthi ukholo lwakho selubuthaka. Khumbula ukuthi nomphostoli uPetru wesaba wabe esengabaza. Kanti ngezinye izikhathi, uJesu waxwayisa bonke abaphostoli bakhe ngokuba “nokholo oluncane.” (Mathewu 16:8) Nokho, singafunda isifundo esibalulekile kulokho uPetru abhekana nakho. Phawula ukuthi wenzani ngemva kokuqala ukungabaza nokucwila.

GXILA KUJESU UKUZE UQINISE UKHOLO LWAKHO

14, 15. (a) Yini uPetru ayenza lapho eqala ukucwila? (b) ‘Singawagxilisa kanjani amehlo ethu’ kuJesu?

14 Yini uPetru ayenza lapho eqala ukucwila? UPetru wayekwazi kahle ukubhukuda, ngakho wayengakhetha ukubhukuda abuyele esikebheni. (Johane 21:7) Kodwa kungani engakwenzanga lokho? Kungenxa yokuthi akazange athembele ekhonweni lakhe. Waphinde wagxila kuJesu futhi wamukela usizo lwakhe. Uma siqaphela ukuthi ukholo lwethu selube buthaka, kufanele silingise uPetru. Singakwenza kanjani lokho?

15 Njengoba nje uPetru aphinde agxila kuJesu ukuze amsize, nathi kumelwe ‘sigxilise amehlo ethu’ kuJesu. (Funda eyamaHebheru 12:2, 3.) Kodwa asikwazi ukumbona njengoPetru. Ngakho ‘singawagxilisa kanjani amehlo ethu’ kuJesu? Singatadisha izinto azifundisa nazenza bese simlingisa ngokuseduze. Uma senza kanjalo, sizothola usizo esiludingayo ukuze siqinise ukholo lwethu. Ake sixoxe ngezinye izindlela esingamlingisa ngazo uJesu.

Lapho sigxila esibonelweni sikaJesu futhi simlingisa kakhudlwana, singaba nokholo oluqinile (Bheka isigaba 15)

16. IBhayibheli lingasisiza kanjani ukuba siqinise ukholo lwethu?

16 Qinisa ukuthembela kwakho eBhayibhelini. UJesu wayeqiniseka ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu nokuthi lisinikeza iseluleko esingcono kakhulu. (Johane 17:17) Ukuze silingise uJesu, kumelwe sifunde iBhayibheli nsuku zonke, silitadishe futhi sizindle ngezifundo esizitholayo. Kumelwe sifune izimpendulo zemibuzo esingase sibe nayo. Ngokwesibonelo, ingabe ukholelwa ngokuqinile ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina? Qinisa ukholo lwakho ngokuthi ukuphela kuseduze ngokutadisha iziprofetho zeBhayibheli ezifakazela ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina. Uyafuna yini ukuqinisa ukholo lwakho ezithembisweni zikaNkulunkulu zekusasa? Khona-ke tadisha iziprofetho zeBhayibheli esezigcwalisekile. Uyakholelwa ngempela ukuthi iBhayibheli lisasebenza namuhla? Ungafunda ngabafowethu nodadewethu abashintsha ukuphila kwabo kwaba ngcono ngosizo lweBhayibheli. *1 Thesalonika 2:13.

17. Kungani uJesu akwazi ukukhuthazelela uvivinyo olunzima, futhi ungakwazi kanjani ukumlingisa?

17 Gxila ezibusisweni ezithenjiswe uJehova. UJesu wagxila ezibusisweni zakhe zangesikhathi esizayo, futhi lokhu kwamsiza ukuba akhuthazelele uvivinyo olunzima. (Hebheru 12:2) Akazange nanini aphazanyiswe yilokho ayengakuthola ezweni. (Mathewu 4:8-10) Singasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu? Zindla ngezithembiso ezimangalisayo uJehova azenzile. Zicabange usezweni elisha. Bhala noma udwebe lokho ozokwenza ePharadesi. Okukanye ungenza uhlu lwabantu abavusiwe ongathanda ukuxoxa nabo nalokho ongathanda ukubatshela kona. Bheka lezi zithembiso zikaNkulunkulu njengeziqondiswe kuwe uqobo, hhayi nje njengeziqondiswe esintwini.

18. Ungasiza kanjani umthandazo ekuqiniseni ukholo?

18 Thandazela ukholo olwengeziwe. UJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba bacele umoya ongcwele kuJehova. (Luka 11:9, 13) Njengoba ucela umoya ongcwele, thandazela ukholo olwengeziwe. Lungenye yezimfanelo zezithelo zomoya ongcwele. Ungakusho ngokuqondile lokho okuthandazelayo. Ngokwesibonelo, uma uqaphela ukuthi kunzima ukuthethelela abanye, cela uJehova ukuba agcine ukholo lwakho luqinile futhi akusize ukuba uthethelele.

19. Singabakhetha kanjani abangane abahle?

19 Khetha abangane abanokholo oluqinile. UJesu wabakhetha ngokucophelela abangane bakhe abaseduze. Abangane bakhe abakhulu, abaphostoli, babethembekile, beqotho futhi bemlalela. (Funda uJohane 15:14, 15.) Lingisa uJesu, ubakhethe kahle abangane bakho. Kufanele kube abantu abanokholo oluqinile abamlalelayo uJesu. Abangane beqiniso bayathembeka komunye nomunye, ngisho nalapho kudingeka banike noma bamukele iseluleko.—IzAga 27:9.

20. Yini engenzeka lapho sisiza abanye baqinise ukholo lwabo?

20 Siza abanye bakhe ukholo lwabo. UJesu wasiza abafundi bakhe ukuba baqinise ukholo lwabo ngalokho akusho nangalokho akwenza. (Marku 11:20-24) Kufanele silingise isibonelo sikaJesu. Uma senza kanjalo, sizoqinisa ukholo lwethu nolwabanye. (IzAga 11:25) Ungabasiza kanjani abantu ensimini yakini? Lapho ufundisa abanye iBhayibheli, gcizelela ubufakazi bokuthi uNkulunkulu ukhona, ukuthi uyasikhathalela nokuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu. Ungabasiza kanjani abafowenu nodadewenu ukuba bagcine ukholo lwabo luqinile? Uma uqaphela othile ekhononda ngabazalwane abaholayo, ungasheshi ukumgwema. Sebenzisa isu ukuze uzame ukumsiza avuselele ukholo lwakhe. (Jude 22, 23) Uma usafunda isikole futhi uthisha ekhuluma ngokuziphendukela kwemvelo, yiba nesibindi uvikele ukukholelwa kwakho ekutheni izinto zadalwa. Ingase ikumangaze futhi ikujabulise indlela uthisha nalabo ofunda nabo abangasabela ngayo.

21. Yini uJehova ayithembisa ngamunye wethu?

21 UJehova noJesu basiza uPetru ukuba anqobe ukungabaza nokwesaba. Kamuva ekuphileni kwakhe, uPetru waba isibonelo esivelele sokholo kwabanye. Ngokufanayo, uJehova uthembisa ukusisiza ngabanye ukuba sime siqine okholweni. (Funda eyoku-1 Petru 5:9, 10.) Kudingeka senze umzamo ukuze sakhe ukholo oluqinile, kodwa uJehova uzosivuza lapho siwenza.

^ isig. 16 Ngokwesibonelo, bheka uchungechunge oluthi “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila” kuyi-Nqabayokulinda yomphakathi.