Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe UNkulunkulu Wayazi Ukuthi u-Adamu No-Eva Babeyokona?

Ingabe UNkulunkulu Wayazi Ukuthi u-Adamu No-Eva Babeyokona?

Ingabe UNkulunkulu Wayazi Ukuthi u-Adamu No-Eva Babeyokona?

ABANTU abaningi bafisa ngobuqotho ukwazi impendulo yalo mbuzo. Ngokuqondene nombuzo othi kungani uNkulunkulu evumela ububi, impendulo iye ibe indaba yesono esenziwa abantu ababili bokuqala ensimini yase-Edene. Iqiniso lokuthi ‘uNkulunkulu wazi konke’ lingase lenze abanye baphethe ngokuthi kumelwe ukuba wázi kusengaphambili ukuthi u-Adamu no-Eva babengeke bamlalele.

Uma uNkulunkulu ayazi ngempela ukuthi laba bantu ababili abaphelele babeyokona, lokho bekuyosho ukuthini? Bekuyosho ukuthi uNkulunkulu mubi. Bekuyosho ukuthi unguNkulunkulu ongenalo uthando, ongenabo ubulungisa nongenabo ubuqotho. Abanye bangase bathi kwakuwunya ngaye ukudala abantu bokuqala kanti uyazi ukuthi izinto ziyobahambela kabi. Lokho bekuyosho ukuthi nguye owabangela bonke ububi nokuhlupheka okwaqala ngaleso sikhathi. Kwabanye, uMdali wethu ubeyobonakala eyisithutha.

Ingabe imiBhalo ichaza uJehova njengoNkulunkulu omubi ngaleyo ndlela? Ukuze siphendule lo mbuzo, ake sihlole ukuthi iBhayibheli lithini ngendalo nangobuntu bakhe.

“Kwakukuhle Kakhulu”

Nakhu okushiwo incwadi kaGenesise ngendalo kaNkulunkulu, kuhlanganise nabantu bokuqala emhlabeni: “UNkulunkulu wabona konke ayekwenzile, bheka! kwakukuhle kakhulu.” (Genesise 1:31) U-Adamu no-Eva babedalwe baphelela, bekufanelekela kahle ukuhlala emhlabeni. Babedalwe ngobungoti. Njengoba babedalwe ‘kahle kakhulu,’ bebeyokwazi nakanjani ukuziphatha kahle njengoba kwakulindelekile. Babedalwe “ngomfanekiso kaNkulunkulu.” (Genesise 1:27) Ngakho, babengakwazi ukubonakalisa ngezinga elithile izimfanelo zikaNkulunkulu ezinjengokuhlakanipha, uthando oluqotho, ubulungisa nobuhle. Ukubonakalisa lezo zimfanelo kwakuyobasiza ukuba benze izinqumo ezaziyobazuzisa futhi zijabulise uYise osezulwini.

UJehova wanika lezi zidalwa eziphelele nezihlakaniphile inkululeko yokuzikhethela. Ngakho, u-Adamu no-Eva abazange badalwe njengamarobhothi. Babengakwazi ukusebenzisa ingqondo yabo futhi bazinqumele ukujabulisa uNkulunkulu. Cabanga ngalokhu. Esinjani isipho esingakuthinta inhliziyo? Ingabe yileso esingacatshangelwanga ngempela noma yileso esisuka enhliziyweni? Impendulo isobala. Ngokufanayo, uNkulunkulu wayeyojabula kakhulu ukube u-Adamu no-Eva bakhetha ukumlalela ngokuzithandela. Iqiniso lokuthi babenekhono lokuzikhethela lisho ukuthi babengamlalela uJehova beshukunyiswa uthando.—Duteronomi 30:19, 20.

Ulungile, Unobulungisa Futhi Muhle

IBhayibheli lisembulela izimfanelo zikaJehova. Lezi zimfanelo zibonisa ngokucacile ukuthi akanakusenza isono. IHubo 33:5 lithi uJehova “ungumthandi wokulunga nobulungisa.” UJakobe 1:13 uthi: “UNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” Ngenxa yokuthi unguNkulunkulu onobulungisa nocabangelayo, waxwayisa u-Adamu: “Kuyo yonke imithi yensimu ungadla usuthe. Kodwa ngokuqondene nomuthi wolwazi lokuhle nokubi ungadli kuwo, ngoba ngosuku oyodla ngalo kuwo uyokufa nokufa.” (Genesise 2:16, 17) Indoda nowesifazane bokuqala babenikwe ithuba lokukhetha phakathi kokuphila phakade nokufa. Ukubaxwayisa ngesono esithile kuyilapho azi kahle ukuthi izinto zaziyophetha kabuhlungu kwakungeke yini kusho ukuthi uNkulunkulu akanalo iqiniso? ‘Njengomthandi wokulunga nobulungisa,’ wayengeke adlale ngabo abakhethise into engekho.

Esinye isici sikaJehova ukuthi muhle kakhulu. (IHubo 31:19) UJesu wachaza ubuhle bukaNkulunkulu, wathi: “Ngubani phakathi kwenu okuthi lapho indodana yakhe icela isinkwa ayinike itshe? Noma, mhlawumbe uma icela inhlanzi—ngeke ayinike inyoka, akunjalo? Ngakho-ke, uma nina, nakuba nibabi, nikwazi ukupha abantwana benu izipho ezinhle, yeka ukuthi uYihlo osemazulwini uyobapha kakhulu kangakanani izinto ezinhle labo abamcelayo!” (Mathewu 7:9-11) UNkulunkulu unika izidalwa zakhe “izinto ezinhle.” Indlela abantu abadalwa ngayo nendlela ikhaya labo iPharadesi elalungiswa ngayo kufakazela ukuthi uNkulunkulu muhle. UMbusi omuhle kanjalo wayengawudala yini umhlaba omuhle kanti uzobuye awuqede? Cha. UMdali wethu olungile futhi omuhle akanakubekwa icala ngokungalaleli kwabantu.

“Nguye Yedwa Ohlakaniphileyo”

ImiBhalo ibonisa nokuthi uJehova “nguye yedwa ohlakaniphileyo.” (Roma 16:27) Izingelosi zakhe ezulwini zabubona kaningi ubufakazi bokuhlakanipha kwakhe okungenamkhawulo. Ngesikhathi uJehova edala indalo yakhe yasemhlabeni zaqala ‘ukumemeza zihalalisa.’ (Jobe 38:4-7) Akungabazeki ukuthi lezi zidalwa zomoya ezihlakaniphile zazizibuka ngesikhulu isithakazelo izinto ezazenzeka ensimini yase-Edene. Bekuyoba nengqondo-ke yini ngoNkulunkulu ohlakaniphile ukuba adale amazulu amangalisayo nomhlaba omuhle kakhulu, abese edala izidalwa ezimbili eziyingqayizivele, izingelosi zakhe zibuka, kanti yena uyazi ukuthi ngeke kuzihambele kahle? Ngokusobala, bekuyoba ubuwula ukuhlela inhlekelele enjengalena.

Nokho, omunye angase akhale ngokuthi, ‘Kodwa kungenzeka kanjani ukuthi uNkulunkulu ohlakaniphe kakhulu wayengazi ukuthi kuyokwenzekani?’ Yiqiniso, esinye isici sokuhlakanipha kukaJehova okukhulu sihlanganisa ikhono lakhe lokwazi “isiphetho kwasekuqaleni.” (Isaya 46:9, 10) Nokho, akaphoqelekile ukusebenzisa lelo khono, njengoba nje engaphoqelekile ukuwasebenzisa ngokugcwele amandla akhe amakhulukazi. Ukhetha ngokuhlakanipha ukuthi alisebenzise yini ikhono lakhe lokwazi kusengaphambili noma cha. Ulisebenzisa lapho kufaneleka nalapho kudingeka.

Ukunquma ukungalisebenzisi ikhono lokwazi kusengaphambili kungase kufaniswe nomshini wesimanje wokudlala ama-DVD. Umuntu obukela umdlalo webhola oqoshiwe anganquma ukubuka ingxenye engasekugcineni ukuze azi ukuthi yiliphi iqembu eliwinile. Kodwa akaphoqelekile ukwenza kanjalo. Ubani ongamgxeka uma ekhetha ukubuka umdlalo kusukela ekuqaleni? Ngokufanayo, kusobala ukuthi uMdali wakhetha ukungaboni ukuthi sasiyoba yini isiphetho sezinto. Kunalokho, wakhetha ukulinda, abone indlela abantwana bakhe basemhlabeni ababeyoziphatha ngayo.

Njengoba kushiwo ngaphambili, ngokuhlakanipha kwakhe, uJehova akazange adale abantu bokuqala njengamarobhoti, abanqumele ukuthi baziphathe kanjani. Kunalokho, ngothando wabapha isipho senkululeko yokuzikhethela. Ngokukhetha inkambo efanele, babengabonisa uthando, ukwazisa nokulalela kwabo uJehova, kanjalo bathole intokozo eyengeziwe futhi bajabulise uBaba osezulwini.—IzAga 27:11; Isaya 48:18.

ImiBhalo ibonisa ukuthi ezimweni eziningi uNkulunkulu akazange asebenzise ikhono lakhe lokwazi kusengaphambili. Ngokwesibonelo, lapho sekusele kancane ukuba u-Abrahama othembekile enze umhlatshelo ngendodana yakhe, uJehova wathi: “Manje ngiyazi ukuthi uyamesaba uNkulunkulu ngoba awungigodlelanga indodana yakho, okuwukuphela kwayo.” (Genesise 22:12) Ngakolunye uhlangothi, kunezikhathi lapho ‘ezwa khona ubuhlungu’ lapho abathile beziphatha ngendlela engafanele. Wayengabuzwa yini lobo buhlungu ukube wayekwaze kudala ababeyokwenza?—IHubo 78:40, 41; 1 AmaKhosi 11:9, 10.

Ngakho, kunengqondo ukuphetha ngokuthi uNkulunkulu ohlakaniphile akazange alisebenzise ikhono lakhe lokwazi kusengaphambili ukuze azi ukuthi abazali bethu bokuqala babeyokona noma cha. Akayena uNkulunkulu oyisiwula owayengadala abantu ukuze nje abone ukuthi izinto ayesezazi kakade zaziyokwenzeka kanjani ngempela.

“UNkulunkulu Uluthando”

Isitha sikaNkulunkulu, uSathane, sabangela ukuhlubuka e-Edene okwaba nemiphumela emibi, kuhlanganise nesono nokufa. Ngakho, uSathane waba “umbulali wabantu.” Wabonisa nokuthi “ungumqambimanga noyise wamanga.” (Johane 8:44) Eshukunyiswa izisusa ezimbi, uzama ukwenza kubonakale sengathi noMdali wethu onothando unezisusa ezimbi. Kufana naye vele ukubheca uJehova ngecala.

Imfanelo yothando iyisizathu esikhulu kunazo zonke esenza ukuba uJehova akhethe ukungazi kusengaphambili ukuthi u-Adamu no-Eva babeyokona yini. Uthando luyimfanelo kaNkulunkulu eyinhloko. Eyoku-1 Johane 4:8 ithi: “UNkulunkulu uluthando.” Uthando luyakha, alubhidlizi. Lubheka okuhle kwabanye. Yebo, eshukunyiswa uthando, uJehova uNkulunkulu wayebafisela okuhle kakhulu abantu ababili bokuqala.

Nakuba abantwana bakaNkulunkulu basemhlabeni babengase benze ukukhetha okuwubuwula, uNkulunkulu wethu onothando wayengenaso isimo sengqondo sokungazethembi noma sokusola izidalwa zakhe eziphelele. Wayezihlomise ngakho konke ezazingase zikudinge futhi ezitshele konke ezazidinga ukukwazi. Kwakufaneleka ngaye ukulindela ukuba zingahlubuki; wayengalindela ukuba zimthande, zimlalele. Wayazi ukuthi u-Adamu no-Eva babenalo ikhono lokuba qotho, njengoba abanye abantu abangaphelele bakufakazela lokho, njengo-Abrahama, uJobe, uDaniyeli nabanye abaningi.

UJesu wathi: “KuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.” (Mathewu 19:26) Leli phuzu liyaduduza. Uthando lukaJehova, kuhlanganise nezinye izimfanelo zakhe ezivelele ezinjengobulungisa, ukuhlakanipha namandla, kusinika isiqinisekiso sokuthi ngesikhathi esifanele angayiqeda yonke imiphumela yesono nokufa, futhi uzoyiqeda.—IsAmbulo 21:3-5.

Kusobala-ke ukuthi uJehova akazange azi kusengaphambili ukuthi abantu ababili bokuqala babeyokona. Nakuba ukungalaleli komuntu kanye nemiphumela yako kwamzwisa ubuhlungu, wayazi ukuthi lesi simo sesikhashana sasingeke simvimbe ekugcwaliseni injongo yakhe yaphakade ngomhlaba nangabantu abahlala kuwo. Sicela ufunde ukwengeziwe ngaleyo njongo nokuthi ungazuza kanjani ekugcwalisekeni kwayo okuyoba nemiphumela ejabulisayo. *

[Umbhalo waphansi]

^ par. 23 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba, bheka ikhasi 3 lencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 14]

UJehova akazange adale abantu bokuqala njengamarobhoti

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 15]

UNkulunkulu wayazi ukuthi u-Adamu no-Eva babenalo ikhono lokuba qotho