Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Zazise Izinto Ezingcwele!

Zazise Izinto Ezingcwele!

Ezentsha

Zazise Izinto Ezingcwele!

Izilayezo: Yenza lesi sivivinyo endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone ngeso lengqondo uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abazizwa ngayo. Yenza le ndaba iphile.

Abalingiswa abasemqoka: U-Isaka, uRebheka, uJakobe no-Esawu

Indaba efingqiwe: U-Esawu uthengisela iwele lakhe, uJakobe, ubuzibulo.

1 HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA UGENESISE 25:20-34.

Yiziphi izici zobuntu ezaboniswa uJakobe no-Esawu besesesibelethweni?

․․․․․

Ucabanga ukuthi uJakobe no-Esawu babebukeka kanjani ngesikhathi beyizinsizwa?

․․․․․_

Yimiphi imizwelo oyithola engxoxweni ephakathi kukaJakobe no-Esawu emavesini 30 kuya ku-33?

․․․․․

CWANINGISISA.

Usebenzisa amathuluzi okucwaninga onawo, thola okuthile mayelana namalungelo obuzibulo. Kungani ayebalulekile? Ukuwathengisa ngesitsha sesitshulu kwakubonisani?

․․․․․

2 HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA UGENESISE 27:1-10, 30-38.

Yimiphi imizwelo oyithola ezwini lika-Esawu lapho eqaphela ukuthi umfowabo wayethole isibusiso sobuzibulo?

․․․․․

CWANINGISISA.

Ingabe kwakungalungile ngoRebheka noJakobe ukwenza amaqhinga okuba kube uJakobe othola isibusiso? Shono izizathu zempendulo yakho? (Bheka uGenesise 25:23, 33.)

․․․․․

3 SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .

Nemiphumela ehlala njalo yokufuna ukwaneliseka njengamanje.

․․․․․

INDLELA WENA OTHINTEKA NGAYO.

Yiziphi izinto ezingcwele ophathiswe zona?

․․․․․

Ungabonisa ngaziphi izindlela ezingokoqobo ukuthi uyazazisa izinto ezingcwele?

․․․․․

4 YINI EKUHLABE UMXHWELE KAKHULU NGALOKHU KULANDISA, FUTHI NGANI?

․․․․․

Uma ungenalo iBhayibheli, licele koFakazi BakaJehova noma ufunde ezinye izincwadi ezisekelwe kulo kuyi-Internet kuleli kheli: www.watchtower.org