Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJesu—Lokho Akwenza

UJesu—Lokho Akwenza

“Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumileyo nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.”—JOHANE 4:34.

ISIKHATHI uJesu asho ngaso la mazwi angenhla sembula lukhulu ngokuthi ukuphila kwakhe kwakugxile kuphi. UJesu nabafundi bakhe babechithe isikhathi sasekuseni benqamula izwe laseSamariya elinamagquma. (Johane 4:6) Becabanga ukuthi kumelwe ukuba ulambile, abafundi bamupha ukudla. (Johane 4:31-33) Lapho ebaphendula, wachaza injongo yokuphila kwakhe. Kuye, ukwenza intando kaNkulunkulu kwakubaluleke ukudlula ukudla. UJesu waphilela ukwenza intando kaNkulunkulu ngamazwi nangezenzo. Kwakuhilelani lokho?

Ukushumayela nokufundisa ngoMbuso kaNkulunkulu

IBhayibheli lichaza umsebenzi uJesu ayewenza. Lithi: “Walijikeleza lonke elaseGalile, efundisa . . . futhi eshumayela izindaba ezinhle zombuso.” (Mathewu 4:23) UJesu akagcinanga ngokushumayela noma ngokumemezela ngoMbuso kaNkulunkulu kwabanye, kodwa wabuye wabafundisa—okungukuthi, wabayala, wabachazela futhi wabakholisa ngobufakazi obuzwakalayo. UMbuso wawuyisihloko sesigijimi sikaJesu.

Phakathi nayo yonke inkonzo yakhe, wafundisa izilaleli zakhe ngalokho uMbuso kaNkulunkulu oyikho nalokho oyokwenza. Ngezansi kubekwe amaqiniso aphathelene noMbuso, kuhlanganise nemiBhalo ekhonjiwe enamazwi kaJesu aphathelene nawo.

  • UMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni wasezulwini, futhi uJesu nguyena omiswe uJehova ukuba abe iNkosi.—MATHEWU 4:17; JOHANE 18:36.

  • UMbuso uyongcwelisa igama likaNkulunkulu futhi uyobangela ukuba intando yakhe yenziwe emhlabeni njengasezulwini.—MATHEWU 6:9, 10.

  • Lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu umhlaba wonke uyoguqulwa ube ipharadesi.—LUKA 23:42, 43.

  • Maduze uMbuso kaNkulunkulu uzofika futhi uzofeza intando kaNkulunkulu ngomhlaba. *MATHEWU 24:3, 7-12.

Wenza izimangaliso

UJesu wayaziwa ngokuyinhloko ngokuthi ‘uMfundisi.’ (Johane 13:13) Nokho, phakathi neminyaka emithathu nengxenye yenkonzo yakhe, wenza nezimangaliso eziningi. Lezi zimangaliso zafeza okungenani izinjongo ezimbili. Okokuqala, zasiza ekufakazeleni ukuthi ngempela wayethunywe uNkulunkulu. (Mathewu 11:2-6) Okwesibili, zanikeza amazwibela alokho ayokwenza njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu esikhathini esizayo emhlabeni wonke. Nazi ezinye izimangaliso azenza.

Cabanga nje ukuthi ukuphila kuyoba njani emhlabeni lapho sekubusa iNkosi enamandla kangaka!

 Wembula ubuntu bukaJehova uNkulunkulu

Uma kuziwa ekufundiseni abanye ngoJehova, akekho ofaneleka njengeNdodana kaNkulunkulu ebizwa ngokuthi uJesu Kristu. ‘Njengezibulo layo yonke indalo,’ uJesu waphila noJehova ezulwini isikhathi eside kunanoma isiphi isidalwa somoya. (Kolose 1:15) Cabanga ngamathuba ayenawo okufunda ngokucabanga kukaYise nokumlingisa kanye nokufunda ngentando yakhe, izimiso nangezindlela zakhe.

UJesu washo la mazwi kufanele: “Ukuthi iNdodana ingubani akekho owaziyo ngaphandle kukaBaba; nokuthi uBaba ungubani, akekho owaziyo ngaphandle kweNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumambula kuye.” (Luka 10:22) Lapho uJesu esemhlabeni njengomuntu, ngokuzithandela—yebo, ngokulangazela—wembula ukuthi uYise unjani. Wakhuluma futhi wafundisa ngendlela ekhethekile esizwa yizinto azibona ngokoqobo ngesikhathi esezulwini noNkulunkulu oPhezukonke.—Johane 8:28.

Lokho uJesu akwenza lapho embula uYise kungase kufaniswe nalokho okwenziwa umama onothando. Ekhishini lakhe angase abe namanzi agcwele ibhakede. Uma ingane yakhe icela amanzi okuphuza, akayiphuzisi ngalelo bhakede. Kunalokho, uyiphuzisa ngenkomishi ukuze ikwazi ukuqeda ukoma. Ngesikhathi uJesu esesemazulwini wathola ulwazi oluningi ngoYise. Nokho, ngesikhathi eselapha emhlabeni, waludlulisela ngezindlela ezenza ukuba abantu abavamile bakwazi ukuluqonda futhi balusebenzise kalula.

Cabangela izindlela ezimbili ezibalulekile uJesu embula ngazo uYise.

  • Ngokufundisa kwakhe, uJesu wenza laziwa iqiniso ngoJehova—igama laKhe, izinjongo nezindlela zakhe.—JOHANE 3:16; 17:6, 26.

  • Ngezenzo zakhe, wembula izimfanelo eziningi ezinhle zobuntu bukaJehova. Wabonakalisa ubuntu bukaYise ngendlela ephelele kangangokuba wayengase asho amazwi anjengalawa: ‘Uma nifuna ukwazi ukuthi uBaba unjani, mane nibheke mina.’—JOHANE 5:19; 14:9.

Kusihlaba umxhwele lokho uJesu akwenza. Singazuza lukhulu ngokuhlola isizathu sokuba afe nangokwenza ngokuvumelana nalokho esikufundayo.

^ isig. 9 Ukuze ufunde okwengeziwe ngoMbuso kaNkulunkulu nokuthi sazi kanjani ukuthi uzofika maduze, bheka isahluko 8 esinesihloko esithi “Uyini UMbuso KaNkulunkulu?,” nesahluko 9 esithi “Ingabe Siphila ‘Ezinsukwini Zokugcina’?,” encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.