Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“O Jehova, . . . Uyangazi”

“O Jehova, . . . Uyangazi”

Sondela KuNkulunkulu

“O Jehova, . . . Uyangazi”

“ABUKHO ubunzima obungathwalwa umuntu obudlula ukwazi ukuthi akekho umuntu omkhathalelayo noma omqondayo.” * Ingabe nawe wake wazizwa ngaleyo ndlela? Kwake kwenzeka yini waba nomuzwa wokuthi akekho umuntu okukhathalelayo noma okuqondayo lokho obhekene nakho, ingasaphathwa-ke eyokuthi uzizwa kanjani? Uma kunjalo, ungase uthole induduzo kulokhu: UJehova ubakhathalela ngokujulile abakhulekeli bakhe, ubona konke okwenzeka kubo njengoba beqhubeka nokuphila kwansuku zonke. Amazwi kaDavide akumaHubo 139 ayasiqinisekisa ngaleli qiniso.

Eqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyamkhathalela, uDavide wathi: “O Jehova, ungihlolisisile, futhi uyangazi.” (Ivesi 1) UDavide wasebenzisa umfanekiso omuhle lapha. Ibizo lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi ‘hlolisisa’ lingabhekisela ekufuneni itshe elinensimbi (Jobe 28:3), ukuhlola izwe (AbaHluleli 18:2), noma ukuhlola imininingwane yecala (Duteronomi 13:14). Yebo, uJehova usazi kahle kakhulu njengokungathi uye wahlola zonke izici nezindawo ezifihlekile zobuntu bethu. UDavide usifundisa ukuthi uNkulunkulu uyazikhathalela izinceku zakhe. Uyazihlolisisa futhi wazi ngayinye yazo.

UDavide ukuchaza kakhudlwana ukuhlolisisa kukaNkulunkulu: “Wena ngokwakho usuyakwazi ukuhlala kwami phansi nokusukuma kwami. Ucabangelé umcabango wami ukude.” (Ivesi 2) Ngomqondo othile, uJehova “ukude,” uhlala emazulwini. Kodwa uyazi lapho sihlala phansi, mhlawumbe ekupheleni kosuku olude, nalapho sivuka ekuseni siqhubeka nokuphila kwethu kwansuku zonke. Wazi nemicabango, izifiso nezinhloso zethu. Ingabe uDavide wayengakuthandisisi ukuhlolwa ngaleyo ndlela? Wayekujabulela. (Amavesi 23, 24) Kungani?

UDavide wayazi ukuthi uJehova uhlola abakhulekeli baKhe ngezisusa ezinhle. Wabhekisela kulokhu ngokuthi: “Ukuhamba kwami nokulala kwami ngenabe ukulinganisile, futhi usujwayelene ngisho nanazo zonke izindlela zami.” (Ivesi 3) Usuku ngalunye, uJehova ubona ‘zonke izindlela zethu’—amaphutha ethu ngisho nemisebenzi yethu emihle. Ingabe ugxila kokubi noma kokuhle? Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi ‘ukulinganisa’ lingasho ‘ukusefa’ noma ‘ukwela,’ ngendlela umlimi awela ngayo amakhoba ukuze athole okusanhlamvu. Igama elithi ‘ujwayelene’ lihumusha igama lesiHebheru elingasho “ukwazisa.” Lapho ehlola izinto abakhulekeli bakhe abazenzayo nabazikhulumayo usuku ngalunye, uJehova uyakwazisa okuhle. Ngani? Ngoba uyayazisa imizamo yabo yokumjabulisa.

IHubo 139 lisifundisa ukuthi uJehova ubakhathalela ngokujulile abakhulekeli bakhe. Uyabahlolisisa futhi abaqaphe ekuphileni kwabo kwansuku zonke. Yingakho ezazi nezinkinga ababhekana nazo futhi uyaqonda ukuthi zibalethela ubunzima obungakanani engqondweni nasenhliziyweni. Awuzizwa yini ushukumiseleka ukukhulekela uNkulunkulu okhathalela ngaleyo ndlela? Uma kunjalo, ungaqiniseka ngalokhu: uJehova ngeke ‘awukhohlwe umsebenzi wakho nothando owalubonisa kulo igama lakhe.’—Hebheru 6:10.

Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-September:

AmaHubo 119-150

[Umbhalo waphansi]

^ par. 1 Ingcaphuno yombhali u-Arthur H. Stainback.