Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukudalulwa Kombusi Wezwe Ozifihlayo

Ukudalulwa Kombusi Wezwe Ozifihlayo

Ukudalulwa Kombusi Wezwe Ozifihlayo

UJESU wake washo la mazwi kubantu: “Umbusi waleli zwe uzophonswa ngaphandle.” Kamuva, wathi ‘umbusi waleli zwe akambambanga’ nokuthi “umbusi waleli zwe wahlulelwe kakade.” (Johane 12:31; 14:30; 16:11) UJesu wayekhuluma ngobani?

Uma sicabangela lokho akusho ‘ngombusi waleli zwe,’ kusobala ukuthi wayengabhekiseli kuYise, uJehova uNkulunkulu. Pho-ke ubani ‘umbusi waleli zwe’? “Uzophonswa” kanjani “ngaphandle,” futhi “wahlulelwe kakade” ngamuphi umqondo?

“Umbusi Waleli Zwe” Uzidalula Yena Mathupha

Njengoba nje ungqondongqondo wesigelekeqe evame ukuzishaya isifuba ngamandla anawo, noDeveli wénza kanjalo lapho elinga uJesu, iNdodana kaNkulunkulu. Ngemva kokubonisa uJesu “yonke imibuso” yomhlaba, uSathane wenza lesi sithembiso: “Ngizokunika lonke leli gunya nenkazimulo yale mibuso, ngoba linikezwe mina, futhi ngilinika noma ubani engithanda ukumnika lona. Ngakho-ke, uma wenza isenzo sokukhulekela phambi kwami, konke kuzoba okwakho.”—Luka 4:5-7.

Uma uDeveli ayengububi nje, njengoba abanye besikisela, leso silingo sasiyobe sisho ukuthini? Ingabe uJesu wayelingwa umcabango othile omubi noma ukucindezeleka okungenzeka waba nakho ngemva kokubhapathizwa? Uma kunjalo, kungani kwathiwa “asikho isono kuye”? (1 Johane 3:5) Kunokuba aphike ukuthi uDeveli ubusa abantu, eqinisweni uJesu waliqinisekisa lelo qiniso ngokumbiza ngokuthi “umbusi waleli zwe,” emchaza ngokuthi “umbulali” noma “umqambimanga.”—Johane 14:30; 8:44; The New Jerusalem Bible.

Cishe ngemva kweminyaka engu-60 uKristu akhuluma noDeveli, umphostoli uJohane wakhumbuza amaKristu ngethonya elinamandla likaDeveli, wathi “lonke izwe lisemandleni omubi.” UJohane wabuye wathi uDeveli ‘udukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ (1 Johane 5:19; IsAmbulo 12:9) Kusobala ukuthi iBhayibheli likhuluma ngesidalwa esingabonakali lapho lithi “umbusi waleli zwe.” Kodwa likhulu kangakanani ithonya laso phezu kwabantu?

Umbusi Wezwe Uphathisa Abangane Bakhe Amandla Okubusa

Ekhuluma ngempi yokholo yamaKristu, umphostoli uPawulu wabalula ngokucacile izitha zawo eziyingozi kunazo zonke. Engagunci, wathi: “Asibambene negazi nenyama kodwa sibambene nawohulumeni, namagunya, nababusi bezwe balobu bumnyama, nebandla lomoya ababi ezindaweni zasezulwini.” (Efesu 6:12) Ngakho-ke, le mpi ayibonakali ngamehlo, ngoba asilwi “negazi nenyama,” kodwa silwa “nebandla lomoya ababi.”

Ngokusho kwezinguqulo eziningi zanamuhla zeBhayibheli, ‘ibandla lomoya ababi’ okukhulunywa ngalo lapha alisona isimo esithile sobubi, kodwa ngabantu bomoya abanamandla futhi abonakele. Ezinye izinguqulo zithi “yiqembu lomoya ababi ezindaweni zasezulwini” (Revised Standard Version), “ibutho lomoya ababi emazulwini” (The Jerusalem Bible), noma “izidalwa ezimbi ezisemazulwini ezinamandla angaphezu kwawomuntu” (The New English Bible). Ngakho, uDeveli ubelokhu esebenzisa amandla akhe nakwezinye izihlubuki eziyizingelosi ezashiya “indawo yazo yokuhlala efanele” ezulwini.—Jude 6.

Incwadi yesiprofetho kaDaniyeli yembula indlela laba ‘babusi bezwe’ abaye balawula ngayo umhlaba kusukela ezikhathini zasendulo. Ekhathazeke ngokujulile ngamaJuda akubo abuyela eJerusalema ngo-537 B.C.E. evela ekudingisweni eBhabhiloni, umprofethi uDaniyeli wawathandazela amasonto amathathu. Ingelosi eyayithunywe uNkulunkulu yamqinisa lo mprofethi, yamtshela nokuthi kungani yayibambezelekile. Yathi: “Isikhulu sombuso wobukhosi wasePheresiya sasimelene nami izinsuku ezingamashumi amabili nanye.”—Daniyeli 10:2, 13.

Ubani lesi ‘sikhulu sasePheresiya’? Kusobala ukuthi ingelosi yayingakhulumi ngeNkosi uKoresi yasePheresiya, ngaleso sikhathi eyayimphethe kahle uDaniyeli nabantu bakubo. Ngale nje kwalokho, kwakungenzeka kanjani ukuba inkosi nje engumuntu ilwe nesidalwa somoya amasonto amathathu, kuyilapho kwadingeka ingelosi eyodwa ukubulala amabutho anamandla angu-185 000 ngobusuku obubodwa? (Isaya 37:36) Lesi ‘sikhulu sasePheresiya’ esinonya sasiyisithunywa sikaDeveli, idemoni elalinikwe igunya lokubusa phezu koMbuso WasePheresiya. Ukulandisa kuqhubeka kuthi ingelosi kaNkulunkulu yathi yayizophinde ilwe “nesikhulu sasePheresiya” nelinye idemoni eliyisikhulu, ‘isikhulu saseGrisi.’—Daniyeli 10:20.

Singaphetha ngokuthini ngale ndaba? Kalula nje singathi bakhona ‘ababusi bezwe’ abangabonakali, izikhulu ezingamademoni nazo ezibusa izwe ngaphansi kwegunya lenkosi yazo, uSathane uDeveli. Kodwa ubulokhu uyini umgomo wazo kuze kube namuhla?

Umbusi Wezwe Uveza Ubunjalo Bakhe

Encwadini yokugcina yeBhayibheli, isAmbulo, umphostoli uJohane ulandisa indlela uJesu njengoMikayeli ingelosi eyinhloko, anqoba ngayo uDeveli namademoni akhe. Ngemva kwalokho usitshela ngomphumela oyinhlekelele walokho kuxoshwa kwabo ezulwini. Siyafunda: “Mayé ngomhlaba . . . ngoba uDeveli wehlele kini, ethukuthele kakhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.”—IsAmbulo 12:9, 12.

UDeveli uye wayibonisa kanjani intukuthelo enkulu? Njengoba nje izigelekeqe eziningi zingenza noma yini ukuze ziphunyuke uma sezizokhalelwa amasongo kasigonyela, uDeveli namademoni akhe bazimisele ukuya ekubhujisweni nabo bonke abantu emhlabeni. UDeveli uyazi ukuthi limshonele, yingakho ebelokhu esebenzisa ithonya elinamandla emphakathini wabantu—ukuchuma kwezamabhizinisi—ukuze akhuthaze umoya wokuthenga oholela ekucekelweni phansi kwemvelo nasekonakalisweni kwayo emhlabeni wonke, ngaleyo ndlela ukuphila kwabantu kube sengozini.—IsAmbulo 11:18; 18:11-17.

Kusukela ekuqaleni komlando wabantu, ukuthanda kukaDeveli igunya kuye kwabonakala kwezombusazwe nasenkolweni. Incwadi yesAmbulo ichaza imibuso yezombangazwe ngokuthi isilo sasendle uDeveli asinike “igunya elikhulu.” Liphinde lichaze umfelandawonye oyihlazo phakathi kwezombusazwe nenkolo njengokuphinga okungokomoya okunyanyekayo. (IsAmbulo 13:2; 17:1, 2) Cabanga ngokucindezela, ubugqila, izimpi nemibango engokohlanga osekuthathe amakhulu eminyaka futhi okuye kwaholela ekufeni kwezigidi zabantu. Ingabe ukhona ongafunga agomele ukuthi izinto ezethusayo nezinyantisayo eziye zenzeka emlandweni wabantu ziyindlela yokwenza evamile noma ziwumphumela webutho lezidalwa zomoya ezimbi ezingabonakali?

IBhayibheli limdalula ngokuthé ngqo lowo obelokhu elawula abaholi abangabantu namagunya ezwe. Kungakhathaliseki ukuthi umphakathi wabantu uyaqaphela noma cha, ubonisa ubuntu bombusi wawo ozimisele ukwenza noma yini inqobo nje uma efeze injongo yakhe. Kodwa uDeveli uyobahlupha kuze kube nini abantu?

Ukunqotshwa Kokugcina KukaDeveli

Lokho uKristu akwenza ngesikhathi esemhlabeni ekhulwini lokuqala kwabonisa ukuthi zibaliwe izinsuku zikaDeveli namademoni akhe. Ngesikhathi abafundi bakhe bemlandisa indlela ababewaxoshe ngayo amademoni angabonakali, uJesu wabatshela: “Ngaqala ukubona uSathane esewile kakade njengombani uvela ezulwini.” (Luka 10:18) Ngala mazwi, uJesu wayebonisa ukujabula ngokunqoba kwakhe umbusi waleli zwe, okwakuzokwenzeka esikhathinini esizayo lapho esephindele ezulwini njengoMikayeli ingelosi eyinhloko. (IsAmbulo 12:7-9) Ukutadisha ngokujulile iziprofetho zeBhayibheli kubonisa ukuthi lokho kunqoba kwenzeka ezulwini ngo-1914 * noma ngokushesha ngemva kwalowo nyaka.

Kusukela ngaleso sikhathi uDeveli ubelokhu azi ukuthi sincane isikhathi esisele ngaphambi kokuba abhujiswe. Nakuba ‘izwe lonke lisemandleni omubi,’ kunezigidi zabantu namuhla ezingazange zidukiswe imizamo yakhe yokuzilawula. IBhayibheli liye lazembulela ukuthi ungubani ngempela nokuthi usebenzisa maphi amacebo. (2 Korinte 2:11) Ziduduzwa amazwi kaPawulu awabhalela amaKristu ayekanye nawo: “UNkulunkulu onika ukuthula, yena uzomchoboza ngokushesha uSathane ngaphansi kwezinyawo zenu.” *Roma 16:20.

Maduze nje, uDeveli uzonqotshwa! Ngaphansi kokubusa kukaKristu kothando, abantu abalungileyo bayoguqula isenabelo sikaNkulunkulu esingokomfanekiso, umhlaba, sibe ipharadesi. Ubudlova, inzondo nobugovu kuyophela phakade. IBhayibheli lithi: “Izinto zangaphambili ngeke zikhunjulwe.” (Isaya 65:17) Yeka impumuzo eyotholwa yibo bonke abagqashula kumbusi waleli zwe ozifihlayo nasegunyeni lakhe!

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 20 Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe ngalo nyaka, bheka isithasiselo encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova, amakhasi 215 kuya ku-218.

^ par. 21 La mazwi kaPawulu avumelana nesiprofetho sokuqala seBhayibheli, esikuGenesise 3:15, esikhuluma ngokuthi uDeveli uzobhujiswa. Lapho echaza leso senzakalo, uPawulu wasebenzisa igama lesiGreki elisho “ukuqothula, ukuphahlaza kube yizicucu.”—Vine’s Complete Expository Dictionary of Old and New Testament Words.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]

Ngaphansi kokubusa kukaKristu kothando, abantu abalungileyo bayoguqula umhlaba ube ipharadesi