Bophulwa Esithandweni Somlilo!
Ezentsha
Bophulwa Esithandweni Somlilo!
Iziyalezo: Yenza lesi sivivinyo endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone ngeso lengqondo uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abazizwa ngayo. Yenza le ndaba iphile.
Abalingiswa abasemqoka: UShadiraki, uMeshaki, u-Abhedinego noNebukhadinezari
Indaba efingqiwe: Ukholo lwezinsizwa ezintathu ezingamaHebheru luyavivinywa.
1 HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA UDANIYELI 3:1-30.
Chaza imisindo “oyizwile” lapho ufunda amavesi 3-7.
․․․․․
Ucabanga ukuthi sasinjani isithando somlilo? Chaza.
․․․․․
Yimiphi imizwelo oyizwa ezwini likaNebukhadinezari njengoba ekhipha umyalo wokuba isithando somlilo sibaswe ngokuphindwe kasikhombisa ukwedlula inkambiso eyayilandelwa? (Phinde ufunde amavesi 19 no-20.)
․․․․․
Ucabanga ukuthi yayibukeka kanjani indoda yesine eyayisesithandweni. Chaza. (Phinde ufunde amavesi 24 no-25.)
․․․․․
Yiziphi izimfanelo oziphawula kuShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego njengoba bekhuluma noNebukhadinezari emavesini 16-18?
․․․․․
2 CWANINGISISA.
Usebenzisa amathuluzi okucwaninga onawo, thola ubude bengalo, bese ubala ukuthi wawungakanani umfanekiso uNebukhadinezari awenza. (Phinde ufunde ivesi 1.)
․․․․․
Lapho uqhathanisa amavesi 19 no-20 kanye namavesi 28 no-29, uNebukhadinezari ubonakala engumuntu onjani?
․․․․․
3 SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .
Nokuhlonipha abantu abanegunya.
․․․․․
Nokubaluleka kokumelela lokho okukholelwayo.
․․․․․
Nokusekela kukaJehova ezikhathini ezivivinyayo.
․․․․․_
INDLELA WENA OTHINTEKA NGAYO.
Kukusiphi isimo ukholo lwakho olungase luvivinywe kuso?
․․․․․
Indaba kaShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego ingakusiza kanjani ukuba uhlale uthembekile?
․․․․․
4 YINI EKUHLABE UMXHWELE KAKHULU NGALOKHU KULANDISA, FUTHI NGANI?
․․․․․
Uma ungenalo iBhayibheli, licele koFakazi bakaJehova noma ufunde ezinye izincwadi ezisekelwe kulo kuyi-internet kuleli kheli: www.watchtower.org