Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Qapha Inhliziyo Yakho!”

“Qapha Inhliziyo Yakho!”

“Qapha Inhliziyo Yakho!”

Umhlangano Wesigodi Wofakazi BakaJehova

ISIHLOKO SANGOLWESIHLANU

“UJehova Yena, Ubona Lokho Inhliziyo Eyikho”—1 SAMUWELI 16:7.

ISIHLOKO SANGOMGQIBELO

“Umlomo Ukhuluma Ngokuchichima Kwenhliziyo”—MATHEWU 12:34.

ISIHLOKO SANGESONTO

“Khonza UJehova Ngenhliziyo Ephelele”—1 IZIKRONIKE 28:9.

IBhayibheli likhuluma kaningi ngenhliziyo. Izikhathi eziningi, imiBhalo ayikhulumi ngenhliziyo yomuntu engokoqobo kodwa ngenhliziyo engokomfanekiso. Iyini inhliziyo engokomfanekiso? Leli gama lingabhekisela kumuntu wangaphakathi—lokho akucabangayo, indlela azizwa ngayo nezifiso zakhe.

Kungani kufanele siyiqaphe inhliziyo yethu engokomfanekiso? UNkulunkulu washukumisela iNkosi uSolomoni ikuba ilobe: “Ngaphezu kwakho konke okumelwe kuqashelwe, qapha inhliziyo yakho, ngoba imithombo yokuphila ivela kuyo.” (IzAga 4:23) Izinga lokuphila kwethu kwamanje namathemba esikhathi esizayo kuxhomeke esimweni senhliziyo yethu engokomfanekiso. Ngani? Ngoba uNkulunkulu ubona lokho okusenhliziyweni. (1 Samuweli 16:7) Uhlobo lomuntu esiyilo ngaphakathi, “umuntu osithekile wenhliziyo,” yilona olubonisa indlela uNkulunkulu azizwa ngayo ngathi.—1 Petru 3:4.

Singayiqapha kanjani inhliziyo yethu? Impendulo yalo mbuzo kuyoxoxwa ngayo kabanzi emihlanganweni yoFakazi BakaJehova ezoba semhlabeni wonke kusukela ekuqaleni kwale nyanga. Umenywa ngokufudumele ukuba ube khona kuzo zontathu izinsuku zomhlangano. a Ozokufunda kuzokusiza ukuba wenze ngendlela eyokwenza inhliziyo kaJehova uNkulunkulu ijabule.—IzAga 27:11.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole umhlangano oseduze nawe, sicela uhlole ingosi ye-Internet ethi www.ps8318.com. Ungase uthintane noFakazi BakaJehova endaweni yakini noma ubhalele abanyathelisi balo magazini.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]

Photo on righ: Aus dem Fundus der MÜNCHNER OLYMPIAPARK GMBH, München