INQABAYOKULINDA Disemba 2012 | Okungcono Kakhulu KunoKhisimusi

Ucabanga ukuthi yini okufanele ibonise umoya kaKhisimusi? Ingabe kukhona okungcono kunoKhisimusi?

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ukufuna Ukwazi Ngomoya KaKhisimusi

Ukuchitha isikhathi nomndeni nabangane, ukusiza abahluphekile nokukhumbula uJesu—konke lokhu kubalulekile. Yini ebaluleke kakhulu kunalokho?

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ukukhumbula UJesu Kristu

Iyiphi indlela engcono kakhulu yokukhumbula nokuhlonipha uJesu?

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Injabulo Elethwa Ukupha

Ukuphana ngezipho ngesikhathi sikaKhisimusi kuvame ukucindezela kunokuba kujabulise. Imiphi imithetho yeBhayibheli engasiza?

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ukusiza Abahluphekayo

IZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza ukuba sibe nomusa futhi siphane unyaka wonke. Linikeza siphi iseluleko ngale ndaba?

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ukuba Ndawonye Njengomndeni

Imndeni emningi ibheka phambili ekubeni ndawonye nasekubeni nesikhathi esimnandi ngoKhisimusi. Kodwa kungani kubuye kube inselele?

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

“Ukuthula Kubantu Abathakazelelwayo”

Yini engasiza abalandeli bakaJesu babe nokuthula kwangempela nokuhlala njalo?

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Báthola Okungcono KunoKhisimusi

Izigidi zamaKristu aziwugubhi uKhisimusi. Zizizwa kanjani ngesinqumo sazo?

IMIBUZO EVELA KUBAFUNDI BALO MAGAZINI

Kungani Abanye Abantu Bengawugubhi UKhisimusi?

Cabanga ngezizathu ezine ezenza ukuba izigidi zabantu ezithanda uJesu zingawugubhi uKhisimusi.

SONDELA KUNKULUNKULU

Ingabe Ukhona ‘Encwadini KaNkulunkulu Yenkumbulo’?

Iyini le ncwadi futhi igama lakho lingabhalwa kanjani kuyo?

INDABA YOKUPHILA

Ekugcineni Ngathola Inkululeko Yangempela!

Funda ngendlela uMaria Kilin asinda ngayo lapho eboshwe eNyakatho Korea nangendlela amaqiniso eBhayibheli amsiza ngayo ukuba athole inkululeko yangempela.

FUNDISWA YIZWI LIKANKULUNKULU

Kungani UNkulunkulu Athumela UJesu Emhlabeni?

Funda ngesizathu sokuza kukaJesu emhlabeni nokuthi kusasizuzisa kanjani namuhla.

Ingabe Ukholelwa Ukuthi Wake Waphila Ngaphambili?

Inkolelo yokuphindukuzalwa yandile. Kodwa ingabe yilokho iBhayibheli elikufundisayo?

Ingabe Bewazi?

Funda ngosawoti wasoLwandle Olufile nangokuthi uhlamvu lwesiliva lwangosuku lukaJesu lwaluyimalini.

Ngaze Ngazifaka!

Funda indlela isithunywa sevangeli eBenin esafunda ngayo ulimi lwezandla ukuze sisize abantu abayizithulu ukuba basondele kuNkulunkulu.

Ukusetshenziswa Kwezimonyo Ngezikhathi ZeBhayibheli

Yini abesifazane bangezikhathi zeBhayibheli ababeyisebenzisa ukuze babukeke kahle?

“Umlando Awunawo Amanga”

Ngo-April 1, 1951, amakhulu oFakazi BakaJehova adingiswa esuka eEstonia ayiswa eSiberia. Kungani?

FUNDISA IZINGANE ZAKHO

UJothamu Wahlala Ethembekile Naphezu Kwezinkinga Zasekhaya

Ungasondelana kanjani noNkulunkulu yize abazali bakho bengamkhonzi?