Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukukhumbula UJesu Kristu

Ukukhumbula UJesu Kristu

“Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.”—LUKA 22:19.

Okwenza abanye bagubhe uKhisimusi.

Abanye bathi bagubha uKhisimusi ngoba bekhumbula uJesu. Bakhumbula usuku lokuzalwa kwakhe.

Kungani lokhu kuyinselele?

Amaculo adumile namasiko amaningi kaKhisimusi awahlobene nakancane noJesu Kristu. Izigidi ezigubha leli holidi azinalo ukholo kuye; abanye abakholelwa ngisho nokuthi wake waba khona. Kwezentengiselwano, uKhisimusi usuyiholidi lokukhangisa ngezimpahla kunokuba ube isenzakalo sokukhumbula uJesu.

Lithini iBhayibheli?

‘INdodana yomuntu yezela ukukhonza nokunikela umphefumulo wayo ube yisihlengo sabaningi.’ (Marku 10:45) Kusobala ukuthi uJesu washo amazwi acashunwe ekuqaleni kwalesi sihloko ngobusuku ayezofa ngabo, hhayi ngosuku kwakhe lokuzalwa. Kusihlwa ngalolo suku, wathi ukufa kwakhe kufanele kukhunjulwe ngomkhosi ongenamicikilisho. Nokho, kungani uJesu ayefuna ukuba abalandeli bakhe bakhumbule ukufa kwakhe kunokuzalwa kwakhe? Ngenxa yokuthi umhlatshelo wesihlengo kaJesu unika abantu abalalelayo ithuba lokuthola ukuphila okuphakade. IBhayibheli lithi: “Inkokhelo yesono ngukufa, kodwa isipho uNkulunkulu asinikezayo ngukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.” (Roma 6:23) Ngakho, unyaka ngamunye ngosuku afa ngalo, abalandeli bakaJesu bakhumbula uJesu Kristu ‘njengomsindisi wezwe,’ hhayi njengosana olungenakuzisiza.—Johane 4:42.

[UKristu] wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze.” (1 Petru 2:21) Ukuze uhloniphe futhi ukhumbule uJesu, kufanele utadishe isibonelo sakhe njengomuntu ophelele nohlakaniphile. Zindla nangendlela abonisa ngayo ububele, isineke nesibindi sokwenza okulungile futhi ufune amathuba okumlingisa ekuphileni kwakho.

“Umbuso wezwe ngempela usungumbuso weNkosi yethu nokaKristu wayo, iyobusa njengenkosi kuze kube phakade naphakade.” (IsAmbulo 11:15) Lapho ukhumbula uJesu Kristu, cabanga ngalokho akwenzayo njengamanje. Uyabusa njengeNkosi ezulwini. Ngokuphathelene noJesu, iZwi likaNkulunkulu laprofetha: “Uyokwahlulela abantu abaphansi ngokulunga, futhi uyosola ngobuqotho ngenxa yabantu abamnene basemhlabeni.” (Isaya 11:4) Lezo zimfanelo ezinhle akuzona ezosana olusanda kuzalwa kodwa ezoMbusi onamandla.