Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Kungani uJesu ebizwa ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu?

UNkulunkulu akanaye umfazi ongokoqobo anezingane naye. UnguMdali wazo zonke izinto eziphilayo. Abantu badalwa bekwazi ukulingisa izimfanelo zikaNkulunkulu. Yingakho umuntu wokuqala owadalwa uNkulunkulu, u-Adamu, ebizwa ngokuthi “indodana kaNkulunkulu.” Ngokufanayo, uJesu ubizwa ngokuthi “iNdodana kaNkulunkulu” ngoba wadalwa enezimfanelo ezinjengezikaYise.—Funda uLuka 3:38; Johane 1:14, 49.

Wadalwa nini uJesu?

UNkulunkulu wadala uJesu ngaphambi kokudala u-Adamu. Eqinisweni, uNkulunkulu wadala uJesu wabe esemsebenzisa ekwenzeni zonke ezinye izinto kuhlanganise nezingelosi. Yingakho iBhayibheli libiza uJesu ngokuthi “izibulo layo yonke indalo” kaNkulunkulu.—Funda eyabaseKolose 1:15, 16.

UJesu wayephila ezulwini eyisidalwa somoya ngaphambi kokuba azalelwe eBetlehema. Lapho isikhathi sifika, uNkulunkulu wadlulisela ukuphila kukaJesu esibelethweni sikaMariya kusuka ezulwini ukuze azalwe engumuntu.—Funda uLuka 1:30-32; Johane 6:38; 8:23.

Kungani uNkulunkulu enza ukuba uJesu azalwe engumuntu? Iyiphi indima ebalulekile eyafezwa uJesu? Ungathola izimpendulo zale mibuzo eBhayibhelini, futhi ziyokuthuthukisa kakhulu ukuqonda kwakho nokwazisa lokho uNkulunkulu noJesu abakwenzele kona.