Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 SONDELA KUNKULUNKULU

“Yimuphi Umyalo Ongowokuqala Kuyo Yonke?”

“Yimuphi Umyalo Ongowokuqala Kuyo Yonke?”

Yini edingekayo ukuze sijabulise uNkulunkulu? Ingabe kunohlu lwemithetho engapheli okumelwe siyilandele? Kuyajabulisa ukuthi impendulo ingucha. INdodana kaNkulunkulu uqobo, uJesu Kristu, yathi lokho uNkulunkulu akufunayo kungasongwa ngegama elilodwa.—Funda uMarku 12:28-31.

Ake sibone ukuthi kwakwenzenjani lapho uJesu esho la mazwi. Wayefundisa ethempelini ngo-Nisan 11, sekusele izinsuku ezimbalwa afe. Izitha zakhe zazama ukumcupha ngokumbuza imibuzo edidayo. Ngaso sonke isikhathi uJesu wayezivala imilomo ngezimpendulo zakhe. Ngemva kwalokho, zambuza lo mbuzo: “Yimuphi umyalo ongowokuqala kuyo yonke?”—Ivesi 28.

Lona kwakuwumbuzo oyindida. Amanye amaJuda ayephikisana ngokuthi emithethweni engaphezu kwengu-600 eyakha uMthetho KaMose, imuphi okwakungowokuqala noma owawubaluleke kunayo yonke. Kwabanye kwakubonakala sengathi yonke imithetho iyalingana futhi kukubi ukucabanga ukuthi eminye ingcono kuneminye. UJesu wayeyowuphendula kanjani lo mbuzo?

UJesu akashongo umyalo owodwa kodwa washo emibili. Owokuqala wathi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho nangawo onke amandla akho.” (Ivesi 30; Duteronomi 6:5) Amagama athi “inhliziyo,” “ingqondo,” “umphefumulo” nelithi “amandla” ahlobene. * Nansi incazelo: Umuntu kumelwe athande uJehova ngokuphelele, ngawo wonke amandla akhe nangezinto anazo. Enye incwadi yeBhayibheli iyibeka kanje: “UNkulunkulu kufanele athandwe ngokuphelele.” Ngakho-ke uma uthanda uNkulunkulu uyokwenza konke ongakwenza ukuze wenze izinto ezimjabulisayo usuku nosuku.—1 Johane 5:3.

Owesibili, uJesu wathi: “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” (Ivesi 31; Levitikusi 19:18) Ukuthanda uNkulunkulu nomakhelwane kuhlobene ngempela. Ukuthanda umakhelwane kubangelwa ukuthanda uNkulunkulu. (1 Johane 4:20, 21) Uma sithanda omakhelwane njengoba sizithanda, siyobaphatha ngendlela esifuna basiphathe ngayo. (Mathewu 7:12) Ngaleyo ndlela sibonisa ukuthi siyamthanda uNkulunkulu owasidala—wadala nabo—ngomfanekiso wakhe.—Genesise 1:26.

Lokho uJehova akulindele kubakhulekeli bakhe kungasongwa ngegama elilodwa: uthando

Ibaluleke kangakanani imiyalo yokuthanda uNkulunkulu nomakhelwane? UJesu wathi: “Awukho omunye umyalo omkhulu kunale.” (Ivesi 31) Ekulandiseni okucishe kufane nalokhu, uJesu wathi yonke eminye imiyalo isekelwe kulena.—Mathewu 22:40.

Ukujabulisa uNkulunkulu akunamicikilisho eminingi. Okudingekayo nje kungasongwa ngegama elilodwa: uthando. Belulokhu luwumgogodla wokukhulekela kweqiniso futhi luyohlale luyiwo. Kodwa uthando aluwona nje amazwi noma imizwa; luboniswa ngezenzo. (1 Johane 3:18) Funda ngendlela ongaluhlakulela futhi ulubonise ngayo uthando ngoJehova, uNkulunkulu oyilo kanye ‘uthando.’—1 Johane 4:8.

Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-March:

Marku 9-16Luka 1-6

^ isig. 6 EBhayibhelini, igama elithi “umphefumulo” libhekisela kumuntu ewonke. Ngakho-ke “umphefumulo” ungase uhlanganise “inhliziyo,” ingqondo” ‘namandla.’