Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 SONDELA KUNKULUNKULU

“Qhubekani Nicela, Niyophiwa”

“Qhubekani Nicela, Niyophiwa”

“Nkosi, sifundise ukuthandaza.” (Luka 11:1) Leso isicelo esenziwa omunye wabafundi bakaJesu. Lapho emphendula, uJesu walandisa imifanekiso emibili ukuze asifundise indlela yokuthandaza nokuba uNkulunkulu asizwe. Uma wake wazibuza ukuthi uNkulunkulu uyayizwa yini imithandazo yakho, uzokujabulela ukuzwa impendulo kaJesu.—Funda uLuka 11:5-13.

Umfanekiso wakhe wokuqala ugxile kumuntu othandazayo. (Luka 11:5-8) Kulo mfanekiso, indoda ethile ifikelwa isivakashi ebusuku kakhulu futhi ayinakho ukudla engasinika kona. Kule ndoda evakashelwe lesi kwakuyisimo esiphuthumayo. Nakuba isikhathi sase sihambile, iya endlini yomngane wayo iyokwenana isinkwa. Ekuqaleni umngane wayo umanqikanqika ukuvuka ngoba umndeni wakhe usulele. Kodwa ingenamahloni okubelesela, le ndoda ezimisele iyaqhubeka icela kuze kube yilapho umngane wayo evuka futhi ayinikeze lokho ekudingayo. *

Lo mfanekiso usifundisani ngomthandazo? UJesu usitshela ukuthi kudingeka siphikelele—siqhubeke sicela, sifuna futhi singqongqoza. (Luka 11:9, 10) Kungani? Ingabe uJesu usikisela ukuthi lapho sithandaza, empeleni, sisuke singqongqoza emnyango kaNkulunkulu omadolonzima ukusisiza? Cha. Iphuzu likaJesu liwukuthi ngokungefani nomngane omadolonzima, uNkulunkulu uzimisele ukubanika lokho abakucelayo labo abathandaza kuye ngokholo. Sibonisa ukholo olunjalo ngokuphikelela. Ngokucela ngokuphindaphindiwe, sibonisa ukuthi sikudinga ngempela lokho esikucelayo futhi siyakholelwa ukuthi uNkulunkulu uzosinika khona—uma lokho kuyintando yakhe.—Marku 11:24; 1 Johane 5:14.

Umfanekiso wesibili ugxile kuJehova ‘uMuzwi womthandazo.’ (IHubo 65:2) UJesu uyabuza: “Yimuphi ubaba phakathi kwenu othi indodana yakhe icela inhlanzi, ayinike mhlawumbe inyoka esikhundleni senhlanzi? Noma, uma icela iqanda, ayinike ufezela na?” Impendulo isobala—akekho ubaba onothando onganikeza izingane zakhe izinto eziyingozi. UJesu ube esechaza lo mfanekiso: Uma obaba abangaphelele bekwazi ukunikeza izingane zabo “izipho ezinhle, kangakanani-ke ngoBaba osezulwini, [uyozinika] umoya ongcwele”—izipho ezinhle kakhulu—izingane zakhe zasemhlabeni uma ziwucela! *Luka 11:11-13; Mathewu 7:11.

UNkulunkulu uzimisele ukubanika lokho abakucelayo labo abathandaza kuye ngokholo

Lo mfanekiso usifundisani ngoJehova, ‘uMuzwi womthandazo’? UJesu usinxusa ukuba sibheke uJehova njengoBaba okhathalelayo olangazelela ukufeza izidingo zezingane zakhe. Ngakho, abakhulekeli bakaJehova bangazizwa bekhululekile ukucela kuye noma yini esezinhliziyweni zabo. Ukwazi ukuthi uyabathanda kwenza bayamukele kalula impendulo yezicelo zabo, ngisho noma iyilokho abebengakulindele. *

Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-April

Luka 7-21

^ isig. 4 Lo mfanekiso kaJesu ubonisa amasiko nemikhuba yangaleso sikhathi. AmaJuda ayebheka ukwamukela abantu njengento ebaluleke kakhulu. Umndeni wawubhaka isinkwa esanele usuku, ngakho kwakuyinto evamile ukusenana uma sesiphelile. Uma wawumpofu, wonke umndeni wawulala phansi ekamelweni elilodwa.

^ isig. 6 UJesu wayevame ukusebenzisa igama elithi “kangakanani-ke” ukuze aqhathanise izinto ezincane nezinkulu. Esinye isazi siyachaza: “Lesi siqhathaniso sichaza ukuthi ‘uma okokuqala kuyiqiniso, nakanjani okwesibili kuyiqiniso elingenakuphikwa.’”

^ isig. 7 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngendlela yokuthandaza futhi uNkulunkulu akuzwe, bheka isahluko 17 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.