Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Uluhlobo luni lomuntu uNkulunkulu?

UNkulunkulu ungumuntu womoya, akabonakali. Wadala amazulu, umhlaba nakho konke okuphilayo. Akadalwanga—akanaso isiqalo. (IHubo 90:2) Ufuna ukuba abantu bamfune futhi bazi iqiniso ngaye.—Funda izEnzo 17:24-27.

UNkulunkulu unegama futhi singalazi lelo gama. Singabona ezinye izimfanelo zakhe ngokucabanga ngezinto azenzile. (Roma 1:20) Kodwa ukuze simazi kahle kudingeka sitadishe iZwi lakhe iBhayibheli. Lisenza sazi ubuntu bakhe obunothando.—Funda iHubo 103:7-10.

Uzizwa kanjani uNkulunkulu ngokungabi nabulungisa?

UMdali wethu, uJehova, uyakuzonda ukungabi nabulungisa. Wadala abantu ngomfanekiso wakhe. (Duteronomi 25:16) Yingakho iningi lethu likuzonda ukungabi nabulungisa. Ukungabi nabulungisa esikubonayo akubangelwa uNkulunkulu. Unikeze abantu inkululeko yokuzikhethela. Ngokudabukisayo, abaningi bayisebenzisa kabi le nkululeko futhi benza izenzo ezingenabulungisa. UJehova uzwa ubuhlungu enhliziyweni yakhe.—Funda uGenesise 6:5, 6; Duteronomi 32:4, 5.

UJehova uthanda ubulungisa, futhi ngeke akubekezelele kuze kube phakade ukungabi nabulungisa. (IHubo 37:28, 29) IBhayibheli lithembisa ukuthi maduze nje uzokuqeda nya konke ukungabi nabulungisa.—Funda eyesi-2 Petru 3:7-9, 13.

IBhayibheli lithembisa ukuthi maduze uNkulunkulu uzolethela bonke abantu ubulungisa