Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
Yini uJesu azoyenza esikhathini esizayo?
Ngonyaka ka-33 C.E., uJesu wafa, wavuka kwabafileyo, wanyukela ezulwini. Kamuva, wanikezwa igunya lokubusa njengeNkosi. (Daniyeli 7:
NjengeNkosi, uJesu uzohlanza umhlaba asuse ububi
UJesu uzokwenza izinto ezimangalisayo njengoMbusi wabantu. Uzosebenzisa amandla awanikezwe uYise ukuze enze abantu babuyele esimweni sokuphelela. Bayojabulela ukuphila emhlabeni, bangaphinde baguge noma bafe.
Wenzani uJesu manje?
Manje uJesu uqondisa umsebenzi wokushumayela emhlabeni wonke owenziwa abalandeli bakhe beqiniso. Bavakashela abantu bababonise lokho iBhayibheli elikushoyo ngoMbuso kaNkulunkulu. UJesu wathi uyoqhubeka esekela umsebenzi wabafundi bakhe kuze kube yilapho uMbuso kaNkulunkulu uqeda ohulumeni babantu.
Ngebandla lobuKristu leqiniso, uJesu uqondisa abantu endleleni engcono yokuphila. Uyoqhubeka ebaqondisa lapho kubhujiswa lesi simiso sezinto abayise ezweni elisha elithenjiswe uNkulunkulu.