Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Kungani kufanele sithandaze?

UJehova uNkulunkulu ufuna ukuba sikhulume naye njalo ngokukhululekile ngezinto ezisikhathazayo. (Luka 18:1-7) Uyasilalela ngoba uyasikhathalela. Njengoba uBaba wethu osezulwini esimema ngomusa ukuba sithandaze, kungaba ubuwula ngathi ukungasamukeli leso simemo.—Funda eyabaseFilipi 4:6.

Umthandazo awuyona nje indlela yokucela usizo. Kunalokho umthandazo usisiza ukuba sisondele kuNkulunkulu. (IHubo 8:3, 4) Lapho sikwenza umkhuba ukutshela uNkulunkulu indlela esizizwa ngayo, siba nobuhlobo obuseduze naye.—Funda uJakobe 4:8.

Kufanele sithandaze kanjani?

Lapho sithandaza, uNkulunkulu akafuni ukuba senze imithandazo yokubukisa noma siphindaphinde imithandazo esiyazi ngekhanda. Akudingeki nokuba sime ngendlela ethile ekhethekile. UJehova usimema ukuba sithandaze ngokusuka enhliziyweni. (Mathewu 6:7) Ngokwesibonelo kwa-Israyeli wasendulo uHana wathandaza ngenkinga yomndeni eyayimcindezela. Kamuva, lapho usizi lwakhe luphenduka injabulo wabonga uNkulunkulu ngomthandazo osuka enhliziyweni.—Funda eyoku-1 Samuweli 1:10, 12, 13, 26, 27; 2:1.

Yeka ilungelo esinalo! Singamtshela uMdali izinto ezisikhathazayo. Singaphinde futhi simdumise simbonge ngalokho akwenzayo. Ngokuqinisekile, akufanele silithathe kalula leli lungelo eliyigugu.—Funda iHubo 145:14-16.