Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INGABE USATHANE UNGOKOQOBO?

Ingabe Kufanele Simesabe USathane?

Ingabe Kufanele Simesabe USathane?

I-carbon monoxide ayibonakali futhi iyingozi—njengoSathane

I-carbon monoxide iyigesi okunzima ukuyibona. Ayinambala futhi ayinaphunga, ingase ibambe izisulu zingazelelwe. Mhlawumbe ingxenye yabantu ebulawa ushevu emhlabeni wonke empeleni isuke ibulawa yile gesi. Nokho, asikho isidingo sokwethuka. Zikhona izindlela zokubona le gesi ebulalayo nezokuzivikela kuyo. Abantu abaningi benza ngokuhlakanipha bafake ama-alamu ezakhiweni bese belalela izixwayiso zawo.

Njenge-carbon monoxide, uSathane akabonakali, kunzima ukuba abantu babone ukuthi ukhona futhi uyingozi kakhulu. Kodwa uNkulunkulu akasishiyi sodwa, uyasisiza. Asikho isidingo sokwesaba uSathane uma usebenzisa lezi zipho ezilandelayo ezivela kuNkulunkulu.

Inkululeko yokuzikhethela. UJakobe 4:7 uthi: “Melanani noDeveli khona-ke uyonibalekela.” Nakuba uSathane enamandla, akakwazi ukukuphoqa ukuba wenze izinto ongafuni ukuzenza. Unenkululeko yokuzikhethela. Eyoku-1 Petru 5:9 ithi: “Melanani naye [uDeveli], niqinile okholweni.” Khumbula, uSathane wahamba ngemva kokuba uJesu emelene ngokuqinile nezilingo ezintathu. (Mathewu 4:11) Nawe ungakhetha ukumelana nemizamo kaSathane.

Ubuhlobo noNkulunkulu. UJakobe 4:8 usikhuthaza ukuba ‘sisondele kuNkulunkulu.’ UJehova ukumema ukuba wakhe ubuhlobo naye. Ungakwenza kanjani lokho? Into yokuqala ebalulekile ongayenza, ukufunda okwengeziwe ngaye eBhayibhelini. (Johane 17:3) Okufunda ngoJehova kuyokushukumisela ukuba umthande futhi lolo thando luyokushukumisela ukuba wenze intando yakhe. (1 Johane 5:3) UYihlo osezulwini uyosabela kanjani njengoba usondela kuye? UJakobe uyaqhubeka, “[uNkulunkulu] uyosondela kini.”

UJehova ukwenzele amalungiselelo angokomoya ukuze akuvikele

Isithembiso sesivikelo. IzAga 18:10 zithi: “Igama likaJehova lingumbhoshongo oqinile. Olungileyo ugijimela kuwo athole isivikelo.” Kodwa lokho akusho ukuthi igama likaNkulunkulu liyintelezi yehlanhla. Kunalokho, kusho ukuthi labo abalihlonipha ngempela igama likaNkulunkulu bangathandaza noma nini kuye futhi bathole isivikelo.

Isibonelo esisebenzayo. IzEnzo 19:19 zisitshela okuthile ngabantu ababesanda kuphendukela ebuKristwini e-Efesu: “Abaningana impela kulabo ababenza ubuciko bemilingo babuthela izincwadi zabo ndawonye bazishisa phambi kwawo wonke umuntu. Babala ndawonye intengo yazo bathola ukuthi ilingana nezinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu.” * Lawo maKristu ashisa zonke izinto ezihlobene nemimoya kungakhathaliseki ukuthi zazibiza kangakanani. Leso sibonelo singasizuzisa kakhulu namuhla. Leli zwe lingene shí ekusebenzelaneni nemimoya. Ngisho nezinto nemikhuba yokusebenzelana nemimoya ebonakala ingemibi ingasenza sithonywe amademoni. Kubalulekile ukuzisusa lezo zinto ekuphileni kwakho, kungakhathaliseki yini ehilelekile.—Duteronomi 18:10-12.

URogelio, okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala kulolu chungechunge, akazange akholelwe ukuthi uDeveli ukhona waze waba neminyaka engaphezu kwengu-50 ubudala. Kodwa-ke, wabe esehlolisisa izinkolelo zakhe. Kungani? URogelio uyakhumbula: “Ngathola iBhayibheli okokuqala ngqá ekuphileni kwami. Ulwazi engaluthola emiBhalweni lwangenza ngabona ukuthi uDeveli ukhona. Manje lolo lwazi luyangivikela ekubeni isisulu sethonya lakhe.”

“Ulwazi engaluthola emiBhalweni lwangenza ngabona ukuthi uDeveli ukhona. Manje lolo lwazi luyangivikela ekubeni isisulu sethonya lakhe”

Ungathanda yini ukuphila lapho uSathane engasekho? Ungakwazi. ImiBhalo ibikezela ngesikhathi lapho uDeveli, odukisa abaningi, ‘eyophonswa khona echibini lomlilo nesibabule.’ (IsAmbulo 20:10) Kuyavunywa ukuthi umlilo ongokoqobo nesibabule ngeke kusilimaze isidalwa somoya esingabonakali. Ngakho-ke, ichibi lomlilo limelela ukubhujiswa kwaphakade. USathane uyobhujiswa angaphinde abe khona. Yeka ukuthi leso kuyoba isikhathi esijabulisa kanjani kulabo abathanda uNkulunkulu!

Okwamanje, qhubeka ufunda konke ongakufunda ngoJehova nangezindlela zakhe. * Zibone ngeso lengqondo uphila ezweni okuyothiwa kulo, “akekho uSathane!”

^ isig. 8 Uma uhlamvu lwesiliva okukhulunywa ngalo kwakuwudenariyu waseRoma, ingqikithi yayiyolingana nomholo wosuku ohlangene wezisebenzi ezivamile ezingu-50 000—imali eshisiwe impela!

^ isig. 11 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngoSathane nangokusebenzelana nemimoya, bheka isahluko 10 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Cela noma yimuphi uFakazi kaJehova akunike le ncwadi noma uyifunde kuyi-Internet engosini ethi www.ps8318.com/zu.