Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INGABE ISAYENSI ISITHATHE ISIKHUNDLA SEBHAYIBHELI?

Kunezinto Isayensi Engenakuziqonda

Kunezinto Isayensi Engenakuziqonda

Eminyakeni yamuva, kuye kwabhalwa izincwadi eziningana eziveza imibono yalabo abakholelwa ukuthi uNkulunkulu akekho. Lezi zincwadi ziye zafundwa abantu abaningi futhi zabangela izingxoxo nezimpikiswano eziningi. Ngokuphathelene nalokhu, uDavid Eagleman, isazi sokusebenza kwezinzwa, wabhala: “Abanye abafundi bacabanga ukuthi ososayensi bazi konke.” Wabe esenezela: “Kodwa ososayensi bangempela bahlale befuna ukufunda izinto ezintsha futhi umlando ubonisa ukuthi bebelokhu bethola izinto ezintsha abangazilindele.”

Kusukela endulo, ososayensi abanekhono baye bathola izinto ababengazilindele njengoba befuna izimpendulo eziyindida ngendalo. Nokho, abanye baye benza amaphutha amakhulu njengoba befuna izimpendulo. U-Isaac Newton, ongomunye wososayensi abaqavile emlandweni, wabonisa indlela amandla adonsela phansi ahlanganisa ngayo amaplanethi, izinkanyezi kanye nemithala ukuze kwakheke imbulunga yonke. Wasungula i-calculus, uhlobo lwezibalo olusetshenziswa ekuklanyweni kwama-computer, ekuthunyelweni kwezinto emkhathini kanye nasemkhakheni wesayensi yenuzi. Nokho, uNewton waphinde wafunda isayensi yokwakhiwa kwemithi okuyisayensi eyayingasekelwe ebufakazini obuyiqiniso eyayisebenzisa ukufundwa kwezinkanyezi kanye nemithi yemilingo ukuze kushintshwe ezinye izinsimbi zibe yigolide.

Eminyakeni engaphezu kuka-1 500 ngaphambi kwesikhathi sikaNewton, uPtolemy, isazi sezinkanyezi esingumGreki, wacwaninga isibhakabhaka ngamehlo nje kuphela. Wakwazi ukuthola amaplanethi asesibhakabhakeni ebusuku futhi wayenekhono lokudweba ibalazwe. Nokho wayekholelwa ukuthi zonke ezinye izinto ezisemkhathini zijikeleza umhlaba. UCarl Sagan usosayensi ofunda amaplanethi nezinkanyezi wabhala lokhu ngoPtolemy: Inkolelo yakhe ethi zonke ezinye izinto zijikeleza umhlaba yahlala iminyaka engu-1 500, lokho kuyisikhumbuzo sokuthi umuntu ohlakaniphe kakhulu naye angalenza iphutha.

Namuhla ososayensi babhekana nezinselele ezifanayo emizamweni yabo yokuthola ulwazi. Ingabe bayoke baziqonde ngokuphelele zonke izinto ezikhona? Nakuba kufaneleka ukwamukela intuthuko eyenziwe isayensi nezinzuzo eye yasilethela zona, kubalulekile nokukhumbula ukuthi kunezinto ososayensi abangenakuziqonda. UPaul Davies ongusosayensi waphawula: “Ukufunwa kwencazelo eyodwa ephelele engachaza yonke into ngendalo ngeke kuphumelele.” La mazwi aveza iqiniso elingenakuphikwa: Abantu abasoze bayiqonda ngokuphelele indalo. Ngakho lapho abantu bethi isayensi inganikeza incazelo enembile ngokuphathelene nezinto ezikhona, kuhle sikuhlolisise okushiwoyo ngaphambi kokukukholelwa.

Kuyacaca ukuthi iBhayibheli lisizuzisa kakhulu uma liqathaniswa nesayensi

IBhayibheli lisho lokhu ngendalo ebabazekayo: “Bheka! Lawa amaphethelo ezindlela [zikaNkulunkulu], yeka ukuthi okuzwakele ngaye kuwumnyenyezo omncane kangakanani wendaba!” (Jobe 26:14) Luningi ulwazi abantu abangenakulufinyelela nabangenakuluqonda. Yingakho amazwi alotshwa umphostoli uPawulu eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule aseyiqiniso namanje: “O ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu! Yeka ukuthi zingezingaphenyeki kanjani izahlulelo zakhe nokuthi zingezingenakuthungathwa kanjani izindlela zakhe!”—Roma 11:33.