Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umphik’ ukristu?

Umphik’ ukristu?

Ifilimu yakamuva ethusayo yayinesihloko esithi Umphik’ ukristu.

Iqembu labaculi elidumile laqamba i-iqoqo lezingoma zalo ngokuthi Antichrist Superstar (Usaziwayo Ongumphik’ ukristu).

UFriedrich Nietzsche, isazi sefilosofi sangekhulu le-19, waqamba omunye wemisebenzi yakhe ngokuthi Umphik’ ukristu.

Amakhosi nababusi ngeNkathi Ephakathi babevame ukubiza izitha zabo ngokuthi abaphik’ ukristu.

UMartin Luther, uMholi weNguquko ongumJalimane, wathi opapa bamaRoma Katolika bangabaphik’ ukristu.

NJENGOBA leli gama elithi “umphik’ ukristu” seliye lasetshenziswa kuyo yonke into kusukela emakhosini kuya emafilimini, kuyafaneleka ukuba sibuze: Ungubani umphik’ ukristu? Ingabe leli gama liyasithinta namuhla? Leli gama livela izikhathi eziyisihlanu eBhayibhelini, ngakho kungaba ukuhlakanipha ukuba sihlole iBhayibheli ukuze sithole ukuthi ungubani ngempela umphik’ ukristu.

UKUDALULWA KOMPHIK’UKRISTU

Umphostoli uJohane kuphela umlobi weBhayibheli owasebenzisa leli gama elithi “umphik’ ukristu.” Walichaza kanjani leli gama? Phawula la mazwi encwadini yakhe yokuqala: “Bantwana, yihora lokugcina, futhi, njengoba nje nizwile ukuthi umphik’ ukristu uyeza, ngisho namanje sekunabaphik’ ukristu abaningi; okuyiqiniso esizuza kulo ulwazi lokuthi yihora lokugcina. Baphuma kithi, kodwa babengebona abohlobo lwethu . . . Ngubani ongumqambimanga uma kungeyena lowo ophika ukuthi uJesu unguKristu? Lowo nguye umphik’ ukristu, lowo ophika uBaba neNdodana.”—1 Johane 2:18, 19, 22.

Umphostoli uJohane waqonda ukuthi umphik’ ukristu yibo bonke asakaza izimfundiso zenkolo ezingamanga ngoJesu Kristu nangezimfundiso zakhe

Yini esiyifunda kula mazwi? UJohane wakhuluma ‘ngabaphik’ ukristu abaningi’ ebonisa ukuthi umphik’ ukristu akayena umuntu oyedwa kodwa yiqembu labantu. Abantu noma izinhlangano zabaphik’ ukristu zifafaza amanga, ziyakuphika ukuthi uJesu unguKristu noma uMesiya futhi zifundisa amanga ngokuphathelene nobuhlobo obuphakathi kukaNkulunkulu neNdodana yaKhe, uJesu Kristu. Labo abangabaphik’ ukristu bathi banguKristu noma abameleli bakhe, kodwa njengoba beye “baphuma kithi” baye baphambuka ezimfundisweni eziyiqiniso zeBhayibheli. Ngaphezu kwalokho, leli qembu lalikhona ngesikhathi uJohane ebhala le ncwadi ‘ngehora lokugcina,’ okungenzeka kwakuyiminyaka yokugcina abaphostoli besaphila.

Yini enye uJohane ayibhala mayelana nabaphik’ ukristu? Ekhuluma ngabaprofethi bamanga, waxwayisa: “Zonke izinkulumo eziphefumulelwe ezivuma uJesu Kristu njengowafika enyameni zivela kuNkulunkulu. Kodwa zonke izinkulumo eziphefumulelwe ezingamvumi uJesu aziveli kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, yiyo le inkulumo ephefumulelwe enezwa ukuthi iyeza, futhi manje isisezweni kakade.” (1 Johane 4:2, 3) Encwadini yakhe yesibili, uJohane wagcizelela leli phuzu: “Sekukhona abakhohlisi abaningi ezweni, abantu abangavumi ukuthi uJesu Kristu weza enyameni. Lona ngumkhohlisi nomphik’ ukristu.” (2 Johane 7) Kuyacaca ukuthi uJohane wayeqonda ukuthi umphik’ ukristu yiwo wonke umuntu osakaza amanga ngamabomu ngoJesu Kristu nangezimfundiso zakhe.

“ABAPROFETHI BAMANGA” ‘NOMUNTU ONGENAMTHETHO’

UJesu waxwayisa ukuthi kwakuyofika abaprofethi bamanga ‘abeza bembethe isikhumba semvu’

Ngaphambi kokuba uJohane abhale ngabakhohlisi abanjalo, uJesu Kristu weluleka abafundi bakhe: “Qaphelani abaprofethi bamanga abeza kini bembethe isikhumba semvu, kodwa ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.” (Mathewu 7:15) Umphostoli uPawulu naye waxwayisa amaKristu aseThesalonika: “Maningayengwa muntu nganoma iyiphi indlela, ngoba ngeke lufike [usuku lukaJehova] kungakafiki kuqala ukuhlubuka futhi kwambulwe umuntu ongenamthetho, indodana yokubhujiswa.”—2 Thesalonika 2:3.

Ngakho, ngekhulu lokuqala base bekhona abaprofethi bamanga nezihlubuki, bezama ukulimaza ibandla lobuKristu. Bonke labo abanengxenye ekusakazeni amanga nenkohliso ngoJesu Kristu nezimfundiso zakhe babeyilokho uJohane akubiza ngokuthi “umphik’ ukristu.” Indlela uPawulu abachaza ngayo lapho ethi “indodana yokubhujiswa” yembula indlela uJehova ababheka ngayo.

QAPHELA IMISEBENZI YOMPHIK’UKRISTU NAMUHLA

Kuthiwani ngosuku lwethu? Abantu kanye nezinhlangano ezakha umphik’ukristu zisamphikisa uKristu kanye nezimfundiso zakhe. Ngamabomu basakaza amanga nenkohliso ukuze abantu bangamazi uBaba, uJehova uNkulunkulu neNdodana Yakhe uJesu Kristu. Sinezizathu ezinhle zokuba siqaphe amanga enkolo anjalo. Ake sibheke nazi izibonelo ezimbili.

Sekuyiminyaka eminingi amasonto efundisa imfundiso kaZiqu-zintathu, ethi uBaba neNdodana bawumuntu oyedwa. Ngaleyo ndlela umphik’ ukristu ubangela ukuba abantu bangamazi uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. Le mfundiso yenza ukuba abantu abaqotho bangakwazi ukulingisa uJesu nokusondela kuNkulunkulu njengoba iBhayibheli libakhuthaza ukuba benze kanjalo.—1 Korinte 11:1; Jakobe 4:8

Amasonto aphinde adide abantu ngokusebenzisa izinguqulo zeBhayibheli ezingenalo igama likaNkulunkulu elithi Jehova. Benza lokhu ngisho noma igama likaNkulunkulu livela izikhathi ezingaba ngu-7 000 emibhalweni yeBhayibheli yokuqala. Uye waba yini umphumela walokho? Inkinga yokungaziwa kwegama likaNkulunkulu weqiniso iye yaqhubekela phambili.

Ngakolunye uhlangothi, ukwazi igama likaNkulunkulu elithi Jehova, kuye kwasiza abakhulekeli abaningi abanhliziyo ziqotho ukuba basondele kuNkulunkulu. Yilokho okwenzeka kuRichard, okhumbula ingxoxo aba nayo noFakazi BakaJehova ababili. Uyachaza: “Bangibonisa eBhayibhelini lami igama likaNkulunkulu weqiniso elithi Jehova. Kwangithinta inhliziyo ukwazi ukuthi uNkulunkulu unegama, into engangingakaze ngiyizwe ngaphambili.” Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, wenza izinguquko ekuphileni kwakhe, waphila ngokuvumelana nalokho okushiwo yiBhayibheli ukuze ajabulise uJehova. “Ukufunda igama likaNkulunkulu kuye kwangisiza ngaba nobuhlobo obuseduze naye.”

Sekudlule amakhulu eminyaka umphik’ukristu egcine izigidi zabantu ebumnyameni obungokomoya. Kodwa ngokufunda iZwi LikaNkulunkulu, iBhayibheli, siyakwazi ukuqonda lokho umphik’ukristu ayikho ngempela futhi siyakwazi ukukhululeka emangeni enkolo nokukhohlisa komphik’ukristu.—Johane 17:17.