Ungabhekana Kanjani Nokuvaleleka Endlini
Ingabe uzizwa ungenamuntu futhi unesizungu? Uma kunjalo, ungase uzizwe ngendlela umhubi azizwa ngayo lapho ethi: “Ngibé njengenyoni engayodwa phezu kophahla.” (IHubo 102:7) Ukuhlakanipha kweBhayibheli kungakusiza ubhekane nezinkinga ezibangelwa ukuvaleleka endlini.
Qinisa ubuhlobo bakho noNkulunkulu
Ngisho noma uvaleleke endlini, ungajabula uma uqaphela ukuthi uyamdinga uNkulunkulu nokugcwalisa leso sidingo. (Mathewu 5:3, 6) Lamathuluzi alandelayo amahhala angakusiza ukuze uqale.
IBhayibheli eliku-inthanethi elinembile nokulula ukulifunda
Amavidiyo amafushane aphathelene nezimfundiso ezibalulekile zeBhayibheli
Ingxenye ethi “Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli”—Inikeza izimpendulo zemibuzo evame ukubuzwa
Ingxenye ethi “Lingisa Ukholo Lwabo”—Inochungechunge lwezindaba zokuphila zamadoda nabesifazane abathembekile bangezikhathi zeBhayibheli
Ingxenye ethi “Ingabe Kwadalwa?”—Lolu chungechunge lubonisa ubuhle nokuba inkimbinkimbi kwendalo
Funda izahluko zeBhayibheli eziduduzayo
Le miBhalo isisize abaningi ukuba bathole induduzo. Kunokuba ufunde izahluko eziningi ngesikhathi esisodwa, zama ukusebenzisa isikhathi uvalelekile ukuze uzindle ngesahluko ngasinye futhi uthandaze.—Marku 1:35.
Ziqonde izinto ezenzeka emhlabeni
Ungabhekana kangcono nanoma iziphi izimo ezinzima uma wazi ukuthi kungani kwenzeka izinto ezimbi nokuthi uNkulunkulu uzozilungisa kanjani.—Isaya 65:17.
Gwema ukukhathazeka ongadingekile
Izihloko ezilandelayo zingakusiza ubhekane nokucindezeleka kokuvaleleka endlini nokuba ‘uyeke ukukhathazeka.’—Mathewu 6:25.
Zenzele abangane
Ukuba nabangane kuzuzisa ngokwengqondo nangokomzwelo futhi babaluleke kakhulu lapho kunzima ukuxoxa ubuso nobuso. Uma uvaleleke ekhaya, ungase ukwazi ukuxoxa nabangane bakho noma wakhe abasha ngokufonelana nisebenzisa ividiyo nokuthumelelana imiyalezo. Izihloko ezilandelayo zingakusize ube umngane weqiniso futhi uthole ‘nabangane beqiniso’.—IzAga 17:17.
Zivocavoce
IBhayibheli liyavuma ukuthi ukuzivocavoca kuyazuzisa. (1 Thimothewu 4:8) Kungakusiza ngokwengqondo, ikakhulu lapho uvaleleke endlini. Ngisho noma uvaleleke ekhaya, cishe zikhona izinto ongazenza ukuze uhlale uphilile.